IZOBIZA ingqungquthela eyisipesheli iSadtu, ezohlukanisa inhloko nesixhanti ngokuthi amalungu ale nyunyana yothisha azoqoma ukuvotela bani phakathi kwe-ANC neSACP okhethweni lwangonyaka ozayo.
Lokhu kulandela ukuthi iSACP yanquma ukuphuma ibhodwe layo, ingabe isavota ne-ANC okhethweni lohulumeni basekhaya oluzayo.
AmaKhomanisi anquma uzimele geqe ngoba ekhala ngokuthi ziningi izinto okumele ngabe i-ANC yazenza, kodwa yadembesela kuzona okubalwa nendaba yezinguquko kumadlelandawonye.
Kusemahlukwana ndlela nje, abanye bacabanga ukuthi iSACP iyazisabisela nje ngokuthi ifuna ukuzimela okhethweni.
I-Sadtu ithathe lesi sinqumo sokuthi kumele ibize le ngqungquthela eyisipesheli ngoba ihlale yeseka uKhongolose okhethweni. Lesi sinqumo seSACP siyihlukanisa phakathi njengoba le nyunyana ingaphansi kweCosatu, eyingxenye yamadlelandawonye okuyi-ANC, SACP, Sanco kanye nayo iCosatu.
UNobhala Jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe emhlanganweni wesigungu esiphezulu wokuqala konyaka wale nyunyana muva nje, banqume ukuthi kumele bayibize ingqungquthela.
"Sinqume ukuthi sibize le ngqungquthela eyisipesheli kulandela ingqungquthela eyisipesheli yeSACP ebingoDisemba nyakenye, eyashayelela isipikili sokugcina sokuthi amaKhomanisi angenele ukhetho ngokuzimela ngo-2026. Le ngqungquthela kumele ihlale ngasekupheleni kwalo nyaka, noma ekuqaleni konyaka ozayo kodwa ngaphambi kwengqungquthela yeCosatu. Sifuna amalungu eSadtu anqume ukuthi ubani azomvotela okhethweni," kusho uMaluleke.
Usho lokhu nje, amalungu amaningi eSadtu anobulungu be-ANC nobeSACP.
Omunye wabo singabala uNobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uNksz Nomarashiya Caluza, oyisikhulu seSACP esifundazweni.
Abanye abaholi okubalwa oMnuz Thulas Nxesi, owayehola iSadtu uyilungu leSACP.
Akungatshazwa ukuthi noma isiphi isinqumo iSadtu ezosithatha njengenye yezinyunyana ezinkulu kwiCosatu, kuzoyishaya i-ANC.
I-ANC ibhekene nezinselelo njengoba yehlelwa ukwesekwa okhethweni lwangonyaka odlule.
Ukukhala ngaphansi kwayo okhethweni kwenza ukuthi imeme amanye amaqembu ukuze kubunjwe uhulumeni. Angu-10 amaqembu akuhulumeni wokubambisana kuzwelonke. NaseKZN uhulumeni uphethwe ngokubambisana namanye amaqembu ngenxa yokushayeka kwe-ANC.
Ubuholi be-ANC nobeSACP bebuhlangene kuleli sonto, bubhunga ngalesi sinqumo samaKhomanisi sokuzimela okhethweni.
I-ANC ibizama ukunxenxa iSACP ukuthi ingaphumi ibhodwe layo ngoba iyayidinga.
Emuva kwalo mhlangano, lezi zinhlangano zikhiphe isitatimende lapho ziveze ukuthi ingxoxo ibishisa phansi. Zivumelene ngokuthi kuqiniswe ubudlelwano phakathi kwazo nokuthi kwakhiwe uhlelo lokuxoxa.
"Kuvunyelwene ngokuthi kubuyekezwe amadlelandawonye, nokuthi zombili lezi zinhlaka zizoqale ngokubika ngokuphume kulo mhlangano ezinhlakeni zangaphakathi ngaphambi kokwazisa abezindaba."
Isitatimende sithe kumele kube nobumbano, kuvikelwe intando yeningi kanjalo kungavunyelwa amanye amazwe ukuthi azenzele umathanda kuleli.