UMHOLI we-MK, uMnuz Jacob Zuma, uncome iqhaza loqweqwe lommeli wodumo u-Advocate Dali Mpofu, oshiye i-EFF ngeqhaza alibambile ekusungulweni kwe-MK, nasekuhlanganiseni amaqembu abamnyama.
UZuma uthe uMpofu kudala esemkhankasweni wokuthi kuhlangane la maqembu ukuze kulwelwe abantu abamnyama.
Usho lokhu emuva kokuba uMpofu ethuse abaningi, ememezela izolo ukuthi useshiyile kwi-EFF, wajoyina i-MK.
UMpofu uzivumele ukuthi wayeyingxenye yokusungulwa kwe-MK.
Ukushiya kukaMpofu kwi-EFF kuyizinkomba zokungenisa komfula kwi-EFF muva nje, eshiywa ubuthaphuthuphu abaholi abahlukene.
Emuva kokushiya kukaMpofu, umholi we-EFF uMnuz Julius Malema, ubhale ku-X ukuthi uyazi kukhona izintandokazi zabaholi ababili abasasele, wathi kodwa bazoqhubeka bayibambe.
UZuma unxuse amalungu e-MK ukuthi amukele uMpofu.
“UMpofu uthembekile, uzinikele futhi kudala esemzabalazweni. Ubambe elikhulu iqhaza ehlanganisa amaqembu amnyama, nangaphambi kokusungulwa kwe-MK. Inhloso yokuhlanganisa amaqembu amnyama ukulwa nokubuswa idlanzana labamhlophe,” kusho uZuma esitatimendini.
Uveze ukuthi uMpofu kade aqala ukulwela inkululeko njengoba ayibamba esemncane.
UMpofu ekhuluma neziteshi ezehlukene zethelevishini, uthe akananxa noMalema, waveza ukuthi kunesikhathi lapho yena noZuma kwakuyibona kuphela bantu ababazi ngokusungulwa kwe-MK.
“Yinto esaqala ukuyixoxa emuva kwengqungquthela ye-ANC ngo-2022. Saxoxa ngokwakumele kwenzeke.”
Uthe unqume ukuthi ajoyine i-MK ngoba yilona qembu akholwa ukuthi lizokwazi ukubumba abantu abamnyama.
“Engikwenzile ngikwenzela abantu. Anginanxa noMalema, angizange ngimtshele ngesinqumo sokushiya kwami. Besingekho isidingo sokumazisa. Sisazohlangana naye ngoba akukho okubi, asixabene,” kusho uMpofu.
UMpofu uyaziwa ngokumela i-MK emacaleni ahlukene enkantolo.
Phakathi kwabaholi abalaxaze i-EFF bajoyina i-MK, kubalwa uMnuz Floyd Shivambu owayeyiphini likamengameli, uMnuz Mzwanele Manyi nowayenguMvikeli woMphakathi u-Advocate Busisiwe Mkhwebane.
UMpofu uke waba ngusihlalo we-EFF iminyaka emihlanu kusuka ngo-2014.
Umhlaziyi wezepolitiki, uSolwazi Ntsikelelo Breakfast, ucashunwe ethi akamangalanga ngalesi sinqumo sikaMpofu ngenxa yokuthi usondelele noZuma.
Uthe abanye abantu abakwi-EFF kabeneme ngendlela uMalema enza ngayo izinto.
“Kuyacaca ukuthi kukhona ezinye izinto angafuni ukuphefumula ngazo ngezithinta i-EFF. Iyashayeka i-EFF ngokuhamba kwabaholi, ikakhulu abantu abebesezikhundleni eziphezulu.”
Uthe i-EFF kumele izinuke amakhwapha izihlole ukuthi ifuna ukuthatha yiphi indlela ikakhulu njengoba izoba nengqungquthela yokukhetha abaholi, ngenyanga ezayo.