KUBE wusuku obeluhambisana nenjabulo nomunyu emndenini wakwaMpisane ngoLwesihlanu kuphuma indodakazi yabo esibhedlela, ebisihlale izinyanga ezintathu.
USbahle Mpisane, wehlelwa yingozi eyayinyantisa igazi ngo-Agasti 9, emgwaqweni uMargaret Mncadi Avenue, eThekwini, ngesikhathi imoto yakhe iBMW 4 series, ishayisa isihlahla.
“Lokhu kuyisimangaliso engingazi ukuthi ngingasichaza ngithini. USbahle uyaphila futhi uyakwazi ukuzihambela yize esasizwa yizinduku, kodwa uSbahle uphila saka. Kungesikhathi singakanani, uSbahle uzobe eyiloSbahle okhonze ukuzivocavoca enimaziyo,” kusho uyise kaSbahle izolo, uMnuz Sbu Mpisane.
UMpisane uthe ukululama kwendodakazi yakhe ukufanisa nesimangaliso uNkulunkulu asenzele umndeni wakhe.
Ingozi kaSbahle yethusa abaningi njengoba kwavela ukuthi wephuke izingxenye eziningi zomzimba futhi ulimale kanzima nasebusweni. Kodwa izithombe zikaSbahle ephuma esibhedlela izolo bezikhombisa lesi siphalaphala siyilo Sbahle abantu abamaziyo futhi naye ubebonakala ukuthi uchichima injabulo ebusweni.
Mayelana nokugubha ukubuya esibhedlela kwale ntokazi, uMpisane uthe ngeke kuze kube khona mcimbi noma umbungazo abazowenza bengumndeni kodwa bazobonga uNkulunkulu.
“Kungaba yindlela engalungile ukuthi sijabulele ukubuya kukaSbahle ngomcimbi. Esizokwenza nje wukuhlaba ngedolo phansi sibonge uNkulunkulu osikhombise ubukhulu bakhe.
“UNkulunkulu usikhombisile ukuthi ngisho ungaba nayo yonke into emhlabeni kodwa kukhona izinto ongeke ukwazi ukuzenzela zona. Kujame yonke into ngesikhathi uSbahle esesibhedlela. Amehlo ethu abesebheke kuMdali sonke isikhathi,” kusho uMpisane. Uthe ukube uMdali akabanga nabo bengumndeni, ngabe kukhulunywa ukuthi indodakazi yabo ayisekho emhlabeni.
UMNUZ Sbu Mpisane nendodakazi yakhe uSbahla owalimala kanzima engozini yemoto ngo-Agasti nonyaka.
UMnuz Brian Dube owafika kuqala endaweni yesehlakalo, lapho kwenzeka khona ingozi, watshela abezindaba ukuthi wafika imoto eyayihamba uSbahle isiqala ukusha.
“Ngagijima ngayozama into yokucisha umlilo. Ngithe sengiwucishile, ngahlala imizuzu engaphezu kuka-10, ngifuna ukubona ukuthi umshayeli uyaphila yini.
“Ngamangala ukuthola ukuthi wayephila. Ngaleso sikhathi ngangingazi ukuthi wuSbahle. Ngethuka ngoba indlela imoto eyayilimele ngayo, kwakungeke kube lula ukucabanga ukuthi kukhona ophilile kuyona,” wacashunwa esho kanje uDube.
Lishone elayizolo seziqalile ukuzungeza ezinkundleni zokuxhumana izithombe zikaSbahle, abantu bedumisa uNkulunkulu ngokululama kwakhe.