PHEZU kokuba othisha besifazane kuyibo abaningi emkhakheni wemfundo kuleli kodwa basembalwa abangothishanhloko bezikole.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, obekhuluma engqungqutheleni yokubuyekeza imigomo yeSadtu, eGoli, ngempelasonto.
UNkk Motshekga uthe lide ibanga elihanjiwe ukufukula abesifazane babe sezikhundleni.
Uveze ukuthi u-71% wothisha kuleli abesifazane.
“Kulaba kodwa u-41% wabo abangothishanhloko. Ingxenye eningi abesilisa abangothishanhloko. Akufani khona ngoba u-66% wabesifazane bayizinhloko zeminyango.”
Uveze ukuthi u-56% wabesifazane basethimbeni labaphathi ezikoleni, ama-school management teams.
“Njengoba kuphela iminyaka engu-30 izwe lakhululeka, lide ibanga eselihanjiwe kwezemfundo noma singakafinyeleli lapho sifuna khona singabesifazane. Siyawubona umehluko ngoba phambilini abesifazane yayingacatshangwa nje indaba yabo. Ngezikhathi zethu sisafundisa, wawungayicabangi nje eyokuthi owesifazane angaba nguthishanhloko. Nakhona uma unguthishanhloko wawugcina ezikoleni zamabanga aphansi, ungeke ube uthishanhloko ezikoleni zamabanga aphezulu,” kusho uNkk Motshekga.
Uthe ingane yomfana kumele ifundiswe ukuthi iyiveze imizwa yayo uma kukhona okungayiphethe kahle.
“Akumele sifundise izingane ukuthi ngoba zingabafana, akumele zikhale. Akumele sithi uma zikhala sizibize ngokuthi zingosisi ngoba nazo zinayo imizwa. Kumele sizifundise ukuthi uma kunzima indoda iyakhala,” kuqhuba uNkk Motshekga.
Uveze nokuthi izingane zamantombazane ziyaqhubeka nokwenza kahle ezifundweni zazo ukudlula abafana.
Ubalule nokuthi ludla lubi udlame olubhekiswe ezinganeni ezikoleni njengoba kukhona abasebenzisa induku, wathi nakuba ikhona imigomo enqanda lokhu.
UMnuz Nkosana Dolopi iPhini likaNonbhala weSadtu, uthe imigomo yenyunyana kumele ilandelwe ngaso sonke isikhathi.
Uthe eminye yemigomo elawula othisha kuleli esetshensizwa wumkhandlu wothisha, iSouth African Council for Educators (SACE), yenziwa yibona.
“Le migomo ithinta izinto eziningi ezifaka nothisha abasalala nabafundi. Le migomo kumele ilandelwe yingakho nathi sifuna ukubuyekeza eyeSadtu, ukubheka ukuthi isahambisana nesimo samanje.”
Uveze ukuthi njengoba kungamalungu aphakamisa le migomo, okwabo njengabaholi kunguthi baqinisekise ukuthi iyalandelwa.
“Njengoba kuzovotwa nje, isinqumo sithi sivotela i-ANC, okuyinto eyaziwayo. Uma wena usuphambana nalokhu, kusho ukuthi usuphambana nezinto esavumelana ngazo.”