UMENGAMELI wamaJaji, iJaji uMogoeng Mogoeng unxuse abazomela umphakathi ePhalamende naseziShayamthetho ukuthi babamele ngobuqotho, bahloniphe uMthethosisekelo wezwe, kuliwe nenkohlakalo.
UMogoeng unxuse abazoba ngongqongqoshe ukuthi nabo bangakhohlwa ukubeka phambili uMthethosisekelo.
“Asikwazi ukuthi singanaki ukuthi abantu basabhekene nezinselelo. Inkululeko yezepolitiki sinayo kodwa okubalulekile ukuthi kumele kuxazululwe izinkinga ezisasilele emuva kuzona. Sivikela izikhundla zethu.
Sijabulela amandla esinawo. Abanye baze basebenzise izinsiza zoMbuso ngendlela engafanele.”
Ukusho lokhu izolo amukela uhlu kwikhomishini yezokhetho lwabantu abazoya ePhalamende naseziShayamthetho zezifundazwe.
Umemezele ukuthi ngoLwesithathu kuzofungiswa amalungu ePhalamende kuthi ngoLwesine kufungiswe awomkhandlu wezifundazwe.
Uhlu ulunikwe nguSihlalo wekhomishini yezokhetho, uMnuz Glen Mashinini.
Okhulumela iPhalamende uMnuz Moloto Mothapo, uthe ngemuva kokufungiswa kwamalungu kwakhethwa nosomlomo, kuzobe sekukhethwa umengameli.
UMashinini uthe ilungu elincane kunawo wonke lePhalamende kuzoba nguMnuz Sibongiseni Ngcobo (23) weDA.
Kwenzeka lokhu nje uNdunankulu waseKZN, uMnuz Sihle Zikalala ophakanyiswe yi-ANC kulesi sikhundla, uzofungiswa nguMengameli wamaJaji ngoLwesithathu esiShayamthetho eMgungundlovu.
Ngalolu suku kuzokhethwa noSomlomo nePhini likaSomlomo wesiShayamthetho.
Okhulumela isiShayamthetho, uMnuz Wonder Hlongwa, uthe:“Uma sekukhethwe uSomlomo nePhini lakhe kuzobe sekufungiswa noNdunankulu. UNdunankulu uzobe esethula inkulumo,” kusho uHlongwa.
Kulindeleke ukuthi kube nenye inkulumo ezobhekiswa esifundazweni njengoba kuqala ihlandla elisha likahulumeni.
UMengameli Cyril Ramaphosa uzofungiswa ngoMeyi 25 ePitoli. Emuva kwalokho kulindeleke ukuthi amemezele abeKhabhinethi, okuzohambisana nezinguquko ngokuncishiswa kwekhabhinethi.