UNGQONGQOSHE wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi nezokuXhumana KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Ntuli, uthi amasosha namaphoyisa azobe emi ngomumo ukuqapha uthuthuva nabantu abazophula umthetho wokuvalwa kwezwe kulesi sifundazwe ngoMsombuluko.
UNtuli ukhulume kanje esitatimendeni asithumelele abezindaba kulandela ukusabisa kwenhlangano yosomatekisi iSouth African National Taxi Council (Santaco) ngokukhukhulelangoqo wesiteleka futhi bathi bahlela ukugcwalisa mfi abagibeli uma sebebathathu.
Kuzokhunjulwa ukuthi ngokomthetho wokuvalwa kwezwe, amatekisi asavuyelwe ukulayisha u70% kuphela.
UNtuli uthe uzwile ngesitatimende esenziwe ngabeSantaco kulesi sifundazwe mayelana nomthelela wemithetho okuhloswe ngayo ukunqanda ICovid-19 ebhizinisini labo.
Uthe babuye bazibophezela ezingxoxweni nabaholi bemboni yamatekisi njengoba isemqoka.
Ukugcizelele ukuthi umnyango uzibophezele ekunikezeni imboni yamatekisi uxhaso olufanele. Uthe imithetho yokuvalwa kwezwe futhi eshaywe nguhulumeni kuzomele ilandelwe futhi waxwayisa nanoma wubani oyiphulayo ukuthi uzobhekana nolaka lomthetho.
"Njengohulumeni wesifundazwe sivulelekile ekuxoxisaneni nababonke abantu, ngisho nabemboni yamatekisi; ukuxazulula nanoma iyiphi inkinga. Imboni yamatekisi iyingxenye yezingxoxo eziqhubeka ezingeni likazwelonke ukuxazulula izinselelo zezimboni ezihlukene ezikhahlamezekile ngenxa yeCovid-19. Sengibandakanye abezinhlaka zokugcinwa komthetho esifundazweni ukuqhamuka neqhinga lokunqanda nanoma yiluphi uthuthuva nokwephulwa kwemithetho emayelana nokuvalwa kwezwe," kusho uNtuli.
"Izingxoxo nemboni yamatekisi sezisesigabeni esithe thuthu futhi sekunezivumelwano esezenziwe wuhulumeni ukuqinisekisa ukuthi imboni ayikhahlamezeki emnothweni futhi," kuphetha uNtuli.