UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal uswele isamba sikaR6.3 billion osidingela ukulwa negciwane leCovid-19. Lokhu kudalulwe oyinhloko yezezimali kulo mnyango, uMnuz Phumelele Shezi, ngesikhathi ethula umbiko ngesabelomali ekoteni lesine enyakeni u2019/20 ekomidini lezempilo kwiSishayamthetho saKwaZulu-Natal.
UShezi uthe ukuhlinzeka izidingo zokulwa neCorona kwaqala ngekota yesine ngesikhathi isamba sikaR138.9 million siqondaniswa ngqo nokulwa nalolu bhubhane.
Uthe esinye isamba sikaR130 million sibekelwe ukuthenga izimpahla zokuvikela bese uR25 million kube owethenda yama-ventilators.
"Lesi sabelomali sesinguR6.3 billion futhi ilelo gebe loxhaso esilibhekile."
Eqhuba uShezi uthe umnyango bewulindele ukuthi uxhaso bewuzoluthola eMnyangweni wezeMpilo kuzwelonke nasesikhwameni esibhekela inhlekelele kuzwelonke yize bebengakatholi mpendulo mayelana nalokho.
OyiNhloko yomnyango, uDkt Sandile Tshabalala ube esechaza ngezakamuva ngomthelela wesifo esifundazweni, esikleliswe saba ngesesine ezweni ngesibalo esiningi sabantu asebehaqwe yiCovid-19 nangokwanda kwesibalo semibhede yalabo abagonqile.
UTshabalala uthe ngoMeyi 27 babe ngu2 165 kulesi sifundazwe abahaqekile, kwathi u1 180 (54%) walashwa leli gciwane kanti abawu50 badlulile emhlabeni.
Uthe izibalo zabashona ngosuku ziveza ukuthi bawu22. "EThekwini neLembe benza u80% wabantu asebehaqekile kulesi sifundazwe. Yize iTheku linesibalo esiningi kodwa iLembe linababantu abaningi asebehaqekile. Uthukela noMgungundlovu basengcupheni efanayo ngenxa yesibalo esiningi sabantu.
Wengeze ngokuthi kubantu abawu100 000, u33.1 asebehaqekile eThekwini uma kuqhathaniswa no84.6 ku100 000 eLembeni."ITheku lino84% wasebeshonile.
Kwasebeshonile abaneminyaka engu69 (phakathi kuka43-91), iningi okungabantu besilisa."
UTshabalala uthe abantu abangu253 abamukelwe ezikhungweni zezempilo futhi u682 wayiswa endaweni yokugonqa esifundazweni.
UNgqongqoshe wezeMpilo kulesi sifundazwe, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu uthe umnyango usewengeze imibhede yokugonqa ezibhedlela njengoba ehlela ukwakha izibhedlela futhi usebenzisa amahhotela nezinye izindawo zokulala njengemigonqo.
Uthe izibhedlela ezizokwandiselwa imibhede yiGJ Crookes, Wentworth naseClairwood, ngesikhathi kusahlelwa ukwakhiwa kwezibhedlela ezifundeni.
"Isifunda nesifunda sizokuba nendawo yomgonqo, iDurban Exhibition Centre izoba nemibhede ewu 450, iRoyal Showgrounds (eMgungundlovu) izoba nemibhede ewu 256, futhi sihlela ukuba nesakhiwo sesikhashana eNgwelezane, iLembe naseThekwini. Sizobeka izakhiwo uma sizidinga," kusho yena.
Ubuye wengeza ngokuthi i-Ascort Park inikezwe eminye imibhede engu87 yomgonqo.