UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal uthathe isinqumo sokuhlonipha indodakazi yomholi we-IFP, uDkt Mangosuthu Buthelezi, ngesikole sikanokusho esakhiwe oLundi.
Lesi sikole esiseZondela, oLundi, siphothulwe ngonyaka odlule saqanjwa ngokuthi iPrincess Phumzile Primary School okuyigama lendodakazi endala kaButhelezi, uMntwana uPhumzile Audrey Buthelezi oyilungu le-IFP esiShayamthetho sesiFundazwe, eMgungundlovu.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi uthe lokhu bakwenze ngemuva kokuxhumana nomphakathi wendawo.
“SiwuMnyango wezeMfundo sinohlelo lokuletha uguquko ezikoleni ngokuba zakhiwe kabusha ziphinde ziqanjwe kabusha. Lokhu sikwenza kusona sonke isiFundazwe. NasoLundi sixhumane nomphakathi wakhona sabonisana nawo ngaleli gama likaMntwana uPhumzile balamukela,” kusho uMahlambi.
UMntwana uPhumzile ethintwa uthe akakwazi ukuphawula ngoba bamatasa eMajuba District noSomlomo wesiShayamthetho, uNkk Lydia Johnson bavakashela izikole.
Sekungokwesibili uHulumeni wesiFundazwe oholwa uNdunankulu uWillies Mchunu noMnuz Sihle Zikalala uhlonipha abantu abangekho eqenjini elibusayo.
Ngo-2017 uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko, uNkk Bongi Sithole-Moloi wenze indumezulu yomcimbi wokuhlonipha uMntwana wakwaPhindangene ngamagalelo akhe emphakathini nakwezombusazwe.
“Ngacela abasebenzi boMnyango wami ukuba balethe amagama abantu esingabahlonipha kodwa babenginika awabaholi be-ANC ngoba bazi ukuthi ngiwuKhongolose. Ngavele ngaqhamuka nelikaMntwana wakwaPhindangene ngathi nali igama engilibonayo bethuka,” kusho uNkk Sithole-Moloi oLundi ngo-2017 .
Kulindwe ukuba uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Mthandeni Dlungwane azosivula ngokusemthethweni.