Namuhla zingu-09 kuMandulo, ngivuke ngezindaba ezinosizi nobuhlungu obukhulu, zokwedlula emhlabeni kukaMntwana waKwaPhindangene, iNkosi yesizwe sakwaButhelezi, uNdunankulu kaZulu.
UMntwana ubengumholi ogama lakhe lizolotshwa emlandweni wakithi, ngegalelo lakhe elingeke lilibaleke nanini esizweni sikaZulu neNingizimu Afrika yonkana.
Bengilokhu ngixhumene njalo nezingane zakhe, ngesikhathi esesesibhedlela, abantwana oZuzifa noPhumzile Buthelezi. Ngenxa yokuxineka kwakhe, imizamo yonke yokuyombona esibhedlela igcine iphunzile. Besinethemba nokho lokuba, njengoba aphuma esibhedlela, useyowuphosa umbalane.
Kulesi sikhathi lapho sililela ukuhamba kwakhe futhi sibungaza impilo yakhe, kufanele sizinike isikhathi sokuzifuna, sibuyekeze impilo kaMntwana, sikhumbuzane nangegalelo, iqhaza, nomnikelo wakhe ongelinganiswe esizweni sakithi, sibe futhi sibhekana ngqo nezinselelo esizishiyelwe uholo lwakhe nalezo esisazobhekana nazo njengesizwe, ukusuka manje, kuya phambili.
UMntwana, kwimpilo yakhe yonke, ubezibophezele ekusebenzeleni isizwe sikaZulu nabantu baseNingizimu Afrika, jikelele. Ekwenzeni kwakhe, ngezikhathi zokunqoba nezobunzima, ukukhombisile ukuzibophezela kwakhe okujulile nokuzinikezela ngokupheleleyo kwinhlalakahle yabantu. Noma kunjalo, siyazi ukuthi akukho soka elingenasici.
Noma kunjalo nalapho sililela ukwedlula kukaMntwana, kuyisifiso sami nokunxusa ukuba iNdlunkulu ingathatha lesi sikhathi sokuhamba kukaMntwana, njengesikhathi sokubuyisana, ukukhumelana umlotha, ukubumbana sibe munye, sibhekane nalezi zinselelo ezesabekayo ngobuqotho nangokuzikhandla.
Ngokukhethekile ngifisa ukwedlulisa amazwi enduduzo kumnawami, uMntwana uMisuzulu, osebenze eduzane nembabazane ezinsukwini zayo zokugcina.
Ngiyethemba ukuba oweNdlovu ulisebenzisile lelo thuba ukuncela kogwansile, wathola ubuhlakani.
Nokuthi uzosebenzisa leli thuba ukuqhamuka namasu esingabambisana ngawo ekwakheni ubunye nobumbano esizweni sikaBaba.
Kumqoka ukuphinda ukuthi uMntwana ubengeyena umholi ongenasici, ngaleyo ndlela, ubuhlakani kubantu bakababa bulele ekwazini ukucaphuna ezingxenyeni zempilo yakhe ezibe yisibonelo esihle nokuzisebenzisa.
Ngifisa ukuphetha ngokwedlulisa amazwi enduduzo ezinganeni nasesizukulwaneni sonke sakhe, isizwe sakwaButhelezi, iNdlunkulu kaZulu ngobubanzi, amalunga esiShayamthetho sikazwelonke, nabalandeli beqembu leNkatha, ngokushiywa ngumholi wabo, amakhosi aseNdlunkulu, izinduna noZulu wonkana.
Sithi oweNdlovu ukulwile ukulwa okuhle, uliqedile ibanga lakhe, sekuyithuba lokuba makaphumule.
Amazwi enduduzo avela kuMntwana uSimakade kaZwelithini