OMUNYE wabasembangweni wesihlalo sobukhosi bukaZulu, uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini, ufuna inkantolo iphoqe uMengameli Cyril Ramaphosa, ukuba avume ukuqokwa kwakhe ekubeni yiSilo samaZulu.
UMntwana uSimakade, osanda kwenza umcimbi wokungena esibayeni, umangalele uRamaphosa eNkantolo eNkulu ePitoli, lapho ephonsela khona inselelo isinqumo sikaRamaphosa sokuvuma ukuqokwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Emaphepheni afakwe enkantolo ngeledlule, uMntwana uSimakade uthe wuyena ofanelwe wukuhlala esihlalweni sobukhosi bukaZulu ngoba igama lakhe laphakanyiswa emihlanganweni emithathu yeNdlunkulu kaZulu.
Kungokokuqala uMntwana uSimakade efaka amaphepha enkantolo kusukela kwaqala umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu, emva kokukhothama kweSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, ngonyaka odlule.
Phakathi kwabanye babantu abamangalelwa noRamaphosa, kubalwa iSilo uMisuzulu, uNdunankulu kaZulu inkosi Mangosuthu Buthelezi namalungu asendlunkulu ayehambele umhlangano okwaqokwa kuwo iSilo uMisuzulu.
Umangalela noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, noNdunankulu Nomusa Dube-Ncube waKwaZulu-Natal.
UMntwana uSimakade uthe wawungekho emthethweni umhlangano okwaqokwa kuwo iSilo uMisuzulu.
Ufuna inkantolo iphoqe uRamaphosa ukuba asungule ikomiti elizophenya izinsolo zokuthi akuzange kulandelwe imithetho ngesikhathi kuqokwa iSilo.
“Yimina owaqokwa njengeSilo emhlanganweni wendlunkulu owawungo-Meyi 5, 2021, owawungo-Meyi 23, 2021 nowawungoSepthemba 5, 2021. Inkantolo kufanele iphoqe umengameli ukuba avume ukuqokwa kwami njengeSilo ngoba igama lami laphakanyiswa kule mihlangano. Inkantolo kufanele iphoqe umengameli ukuba anikeze ithuba abantu abebeyingxenye yale mihlangano ukuba benze izethulo.
“Inkantolo kufanele ichithe umhlangano wangoMeyi 14, 2021 (okwaqokwa kuwo iSilo uMisuzulu) njengoba kungazange kulandelwe imithetho. Njengoba kunezinsolo zokuthi akuzange kulandelwe imithetho kulowo mhlangano, uRamaphosa kufanele asungule ikomiti elizophenya lezi zinsolo, zingakapheli izinsuku ezingu-30.”
UMntwana uSimakade ufuna nokuthi kuchithwe umcimbi wokungena kweSilo esibayeni, owawungenyanga edlule.
ISilo sangena esibayeni esigodlweni KwaKhangelamankengane, emva kokungena kwakhe esibayeni esigodlweni eNyokeni.
Uphinde futhi afune inkantolo ukuba ivimbe uButhelezi ukuthi abize umhlangano wasendlunkulu wokuqoka ozongena esihlalweni.
Ummeli kaMntwana uSimakade, uMnuz Johann Hammann, ukuqinisekisile ukuthi sebefake icala enkantolo.
“Bonke abathintekayo sibathumele amaphepha asenkantolo (ngoMsombuluko). Nginenkolelo yokuthi bakhona abazofuna ukuphikisa isicelo sethu kodwa sizobona khona.”
Ummeli weSilo, uMnuz Musa Ntsibande, uthe basawabheka amaphepha enkantolo.
“Akukho okutheni okusha lapha. Lesi sicelo siyafana nesifakwe wuMntwana uMbonisi (enkantolo efanayo) lapho naye ephonsela inselelo isinqumo sikamengameli. Engingakusho nje wukuthi sizosiphikisa lesi sicelo.”
Okhulumela ihhovisi leSilo, uMntwana uThulani Zulu, uthe basamile ekutheni kwalandelwa yonke imigomo ngesikhathi kuqokwa iSilo.
“Angiboni ukuthi kunenkinga uma kukhona abaya enkantolo. Siphila ezweni lomthetho. Onganelisekile unalo ilungelo lokuya enkantolo. Ngeke sibavimbe abantu uma beya enkantolo.”
Kayiphumelelanga imizamo yokuthola okhulumela iHhovisi likaMengameli, uMnuz Vincent Magwenya, ukuba aphawule ngoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa futhi akazange awuphendule umyalezo awuthunyelwe.