UMNTWANA uMbonisi Zulu weNdlunkulu yaseKhwezi, ugadla ngommeli omusha emizamweni yakhe yokuphikisa ukubekwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini.
UMntwana uMbonisi, ongumfowabo weSilo esakhothama uZwelithini kaBhekuzulu, uqoke ummeli uMnuz Eric Mabuza we-Mabuza Attorneys, nowake wamela owayengumengameli uMnuz Jacob Zuma. UMabuza usebenze noZuma baze behlukana ngonyaka owedlule ngo-Ephreli.
UMntwana uMbonisi ulufake eNkantolo yokweDlulisa amaCala eBloemfontein, udaba lokumenyezelwa kwegama leSilo, ukhala ngokuthi akuhambanga kahle. Umengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa wamemezela iSilo uMisuzulu, njengokuyisona esifanelwe wukuthatha isihlangu sikayise okhothame ngoMashi wonyaka odlule emuva kokudunguzela.
Kumanje kulungiselelwa indumezulu yomcimbi wokugcoba iSilo. Umbango wamafa nesihlalo uhambe waze wafika enkantolo nayo yavuna sona iSilo esihleli esihlaweni. UMntwana uMbonisi akaphelanga amandla ngoba namanje udaba usalufaka ezinkantolo.
Ummeli omusha uMabuza uxoxe nephephandaba waqinisekisa ukuthi uqashiwe eNdlunkulu kaZulu futhi umatasa ubhala amaphepha azofakwa enkantolo. Akafunanga ukwanda kakhulu ngemininingwane kodwa ugcizelele ukuthi azolunga maduze amaphepha. UMntwana uMbonisi ethintwa ngalokhu uthe udaba lukummeli wakhe akubuzwe yena konke.
Okhulumela iSilo, uMntwana Afrika wendlu yasoNkweni, uthe bayakuhlonipha ukuthi uMntwana uMbonisi unelungelo lokuya ezinkantolo kodwa bayamthandazisa ukuthi abone ngenye indlela.
“Sifisa umoya ongcwele ungene kuyena abuyele ekhaya axoxe neSilo kubuyiswane. Sifisa akuqonde ukuthi iSilo sibekwe wusiko olungeke lushintshe. UMntwana uMbonisi ungowomndeni kufanele abuye izinto zixoxwe, asho inkinga yakhe ngoba indaba yezinkantolo yandisa izindleko,’’ kusho uMntwana Afrika.
Kwenzeka konke lokhu nje, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala umemezele ukuthi iNdlunkulu izokwabelwa uR67 million ovela kuhulumeni ngesikhathi enza isabelozimali sehhovisi lakhe.