UFUNA izimpendulo esikoleni umndeni womfundi ka-matric eMpumelelo High, isidumbu sakhe esitholwe sidindilize eceleni komgwaqo eLoskop, eMtshezi, okuthiwa uxoshwe wuthisha emva kokubhadanywa ezivalele nomfundi wesifazane kwelinye igumbi esikoleni, kuqhubeka ikhempu yabafundi baleli banga ngoMgqibelo ebusuku.
ULuthando Gama (17) waseLoskop, kuthiwa akabange esafinyelela kubo emva kokuthi ekhonjwe indlela ngomunye wothisha ngesikhathi u-matric ukhempile, kufundwa ngesikhathi esengeziwe, okukholakala ukuthi ushayiswe yimoto.
UMnuz Mncedisi Mazibuko onguyisemkhulu kaLuthando, uthe batshelwe abafunda naye ukuthi emva kokubonwa wuthisha evalelene nomfundi wesifazane kwelinye igumbi kuqhubeka ukufunda ebusuku, omunye wothisha ezwa lokho, uthukuthelile wamxosha ethi akabuyele ekhaya.
“Ngokuzwa kwethu bekungabo-10 ebusuku ngesikhathi exoshwa. Izingane zithi emva kokuthi ebonwe evalelene nomfundi, ubuyele ekilasini, kodwa uthisha umtshele ukuthi ngenxa yesenzo sakhe, akafuni nokumbona, akabuyele ekhaya. Kuthiwa umqhubile waze wayomdlulisa esangweni likanogada enza isiqiniseko sokuthi uyamxosha,” usho kanje.
Uthe ngeSonto ekuseni, bengezelele lutho, babone kungena emagcekeni iveni yamaphoyisa, ebazisa ngokutholwa kwesidumbu sikaLuthando, isidumbu sakhe okuthiwa bese sivele sifakwe emakhazeni ngayizolo emva kwesikhashana kwehle umshophi.
UMazibuko uthe kuze kwashona ilanga ngeSonto, lutho uthisha ukufika ukuzobika ukuthi kwenzekeni ekubeni isikole siyibanga elingamakhilomitha amathathu nje vo, ukusuka kubo kamufi.
Uthe ufike ngoMsombuluko ehambisana nothishomkhulu, wachaza into umndeni ongayiqondi. UMazibuko uveze ukuthi uphikile ukuthi umxoshile umfundi, wathi uthe umlindise egunjini okuhlanganela kulo othisha. Uzihlangule ngokuthi ubesayolanda owesifazane abhadanywe naye ukuze bachaze ukuthi bavalelanelani ngesikhathi sokufunda. Uthisha uthi wabuya engasekho esephumile.
Kuthiwa uthisha uthe emva kokumbheka, engamtholi, uqhubekile nokufundisa okuthe emva kwesikhashana bathola ucingo olubazisa ngomfundi ogqoke umfaniswano wesikole sabo oshayiswe yimoto. UMazibuko uthe uthisha uveze ukuthi uzamile ukuyobikela umndeni ngawo uMgqibelo ngosekwehlile kodwa wafika isango livaliwe, wanquma ukubuyela emuva.
Umndeni kamufi ukholwa ukuthi uthisha ubengamjezisa ngenye indlela umfundi kunokuthi afake impilo yakhe engcupheni ngoba akukho okuvelayo ukuthi laba bafundi bebelele kodwa babhadanywe nje kuphela omunye uthisha bezivalele kuleliya gumbi, wabikela lo obaxoshile
Kuthiwa unina kamufi, ungeniswe emtholampilo emva kokuzwa lezi zindaba okukholakala ukuthi kungenxa yokuphatheka kabi.
Ngawo uMsombuluko, kuthiwa abafundi kulesi sikole bavuke indlobana kwaphazamiseka izinhlelo zokufunda, bekhala ngesenzo salo thisha sokuxosha umfundi ebusuku.
Kushaye isikhathi sokushicilela okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, engayiphendulile imibuzo athunyelelwe yona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa esiteshini Amangwe, aphenya icala lokubulala ngokungenhloso, emva kokuthi kutholwe isidumbu sowesilisa ona-17, okusolakala ukuthi ushayiswe yimoto.