‘ABANTU besifazane abangakuvumeli ukuvalwa amehlo wuthando uma kufika isikhathi sokusayina izinkontileka zomshado.’
Lokhu kushiwo ummeli, u-Advocate Zandile Mshololo, obeyisikhulumi esiqavile emcimbini wabesifazane ohlelwe Isolezwe, iNtandokazi Womens Club obusePremier Hotel, ngoMgqibelo.
U-Advocate Mshololo uthe abantu besifazane kumele bayiqonde imishado abangena kuyo ngoba iyona echazayo ukuthi kuzokwenzekani uma kugqabuka igoda.
"Kubalulekile ukuthi siwazi amalungelo ethu futhi siwasebenzisele ukuzivikela ngoba la malungelo kukhona abawalwela. Ngabe kungukuthuthukiswa kwabesifazane ukuthi uthi ungumuntu wesifazane ususebenzile wakwazi ukuba nemizi okungeyakho ngaphandle kwalo enihlala kuwo, ushade umshado ohlanganisa amafa, othi uma kugqabuka igoda nizokwehlukaniselana konke eninakho ngokulingana?"
"Singabantu besifazane kumele siqaphele manje ngoba sesinalo ulwazi ngezinye izinto, ezifana nokuthi umuzi enihlala kuwo ubhaliwe yini kuwo nokuthi lo mshado owushadile uthi ngamaphi amalungelo akho? Abanye abantu besifazane bazithola benqunyelwa ugwayi katiki ngoskwiza ngemuva kokushona kwabayeni babo ngoba bebehlala emzini wabazali bendoda.
“Ake ucabange lowo wesifazane osezwa ubuhlungu obubili ngesikhathi esisodwa. Ushonele ngapha, oskwiza sebethi akaphume emzini wabazali. Uze uficwe yilesi simo nje, kungani kade ungazami ukuzitholela indawo yakho ngoba sesinelungelo lokukwenza lokho? Yebo, kwesinye isikhathi kumnandi ukuhlala endlini enhle oyifice ikhona kodwa zibuze ukuthi, uma kugqabuka igoda noma kushona umyeni wakho, kuzokwenzekani?" kusho u-Adv Mshololo.
Unxuse abesifazane ukuthi bangabi ngovuma zonke.
"Ungalokothi uma umyeni wakho efuna kube nesinqumo esithathwayo wena uthi ‘Ngizozwa ngobaba kasibanibani ozothatha leso sinqumo’. Angisayiphathi-ke eyomuntu wesifazane ovele athi ‘yazi angicabanganga’. Yilungelo lakho lokuthi izinqumo nizithathe nobabili uma nisebudlelwaneni noma nishadile," kusho yena.
Uqhube wathi ukuba namalungelo akusho-ke ukuthi kumele abesifazane babandakanyeke ezivumelwaneni zobugebengu.
UNksz Lindiwe Ndlovu obekhulumela u-Avon, uthe kubalulekile ukuthi abesifazane bazibandakanye namabhizinisi azobasiza bengeze umholo okungaba ukudayisa imikhiqizo yabo.
"Abase-Avon, ngengxenye yemali abayenzayo, bayifaka ezinhlelweni zokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane. Bafaka uR14 million kulezi zinhlelo emhlabeni. Okusho ukuthi kunemikhiqizo othi uma uyithenga unikele esikhwameni sezinhlelo zokulwa neGBV," kusho uNksz Ndlovu.
UNkk Thenjiwe Khumalo weD'Light Beauty Spa, ululeke abesifazane ngokunakekela umzimba.
"Uthe abanye abantu besifazane bahlale bezimpintshe ngama-tight, amabhulukwe ababambayo baphinde bafake nama-penty liner, inanazi ingaphefumuli okwenza ukuthi babe nephunga. Niyazi yini ukuthi i-pillow case olala kulo linomthelela ekutheni ubuso bakho buguge ngokushesha. Sebenzisa i-pillow case eli-silky, hhayi eliqinile elizoshiya omaka ebusweni," kusho uNkk Khumalo.