UMMELI ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, u-Advocate Thulani Mngomezulu, uthe ufuna usihlalo we-Orlando Pirates, uDkt Irvin Khoza, uKelly Khumalo noChicco Twala bayofakaza.
UMngomezulu omele ummangalelwa wokuqala, uMuzikawukhulelwa Sibiya, usho lokhu ngesikhathi epheka ngemibuzo umphenyi uSergeant Batho Mogola.
UMeyiwa owayeyisilomo se-Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng, ngo-2014. UMngomezulu uthe uMeyiwa wadutshulwa nguLongwe Twala, indaba yokuthi kwakubanjwa inkunzi yintimbothi eyakhandwa.
UMngomezulu uthe uLongwe wafika ephuzile ephethe isibhamu, waxabana noZandi Khumalo owayeyintombi yakhe. Uthe ngesikhathi uMeyiwa ezama ukulamula, wadubuleka naye uLongwe wazidubula ngephutha kwase kulimala noZandi.
UMngomezulu uhoshe isitatimende sikaMnuz Sifiso Meyiwa, ongumfowabo kamufi lapho eveza khona ukuthi watshelwa nguKhoza ukuthi umfowabo wafa kanjani.
UMeyiwa (Sifiso) esitatimendeni uthi bahamba noKhoza kuyokhethwa ibhokisi likamufi nokulapho amtshela khona ukuthi uMeyiwa ufe elamula uLongwe noZandi belwa.
UMshushisi woMbuso, u-Advocate George Baloyi, uthe banesitatimende sikaKhoza ekuphika konke lokhu okushiwo nguMeyiwa (Sifiso).
UMngomezulu uthe bazobhalela uKhoza bambize eze enkantolo ezochaza ngalokhu.
“UBaloyi akakaze asho ukuthi uDkt uKhoza usohlwini lofakazi. UKhoza akanawo amalungelo akhethekile, sizombiza azofakaza ngalokhu,’’ kusho uMngomezulu.
Ngaphandle kukaKhoza, uMngomezulu uthe ufisa ukubiza uLongwe azofakaza bese kuza noKelly bazocacisa kabanzi ngezinto ezithile ezithinta amagama abo. Uthe bazoze babize ngisho uChicco, uyise kaLongwe, naye azochaza akwaziyo.
Kuphinde kwafundwa nesitatimende somthandazi uNompilo Sangweni okuthiwa wageza uKelly emuva kwesigameko. Umthandazi esitatimendeni, uthi uKelly wafika ekhala ngokubhedelwa yizinto ethi noma ecula esteji uyezwa ukuthi kukhona okungahambi kahle.
UMngomezulu uthe naye umthandazi uzobizwa azofakaza phambi kwenkantolo ngomsebenzi awenzela uKelly emuva kokufa kukaMeyiwa.
Kuvele nokuthi kuzobizwa uDkt uV.V.O Mkhize ongumelaphi wendabuko, azolekelela ngolwazi lwakhe lwezindaba zesintu nokugezwa kwethunzi elimnyama.
Elinye iphuzu elivezwe nguMngomezulu wukuthi kunendida ngomuntu owadubula uMeyiwa nohlobo lwesibhamu esasebenza. UMngomezulu uthe kuke kwavela igama likaMnuz Makho Buthelezi kuphinde kuthiwe akuyena, kukhonjwe uMthobisi Mncube ongummangalelwa wesithathu.
Uthe khona lapho kuthiwa uMeyiwa wadutshulwa nge-9mm bese kuphinde kuvele abanye ofakazi abakhuluma ngo-38 Special Revolver. Kulindeleke ukuthi icala libuyele enkantolo namuhla.