UXHAXHA lwezinkinga ezibangelwa ukwabiwa kwamafa sekuholele ekutheni, uqweqwe lommeli lukhethe ukubhala incwadi eluhlose ngayo ukufundisa abantu ngezindaba zamafa.
Isihloko sencwadi ebhalwe ngu-Advocate Bhekinkosi Nkosi (52) sithi: “Amafa Nomthetho.”
Inhloso yayo uthi ukuvula amehlo abantu abamnyama athe yibona imvamisa abajwayele ukuba nezinkinga ezibangelwa ukwabiwa kwamafa.
Kule ncwadi kunezihloko ezimqoka ahlube udlubu ekhasini ngazo.
Ukhulume ngababize ngosomathuba, imvamisa athe kuba ngabamabhange.
“Amabhange ayakufihla ukuthi uma ifa labiwa nawo aba nesabelo esithile. Awakuvezi lokho, akuveza kuphela uma sekuyisikhathi sokwabiwa kwalo ifa,’’ echaza.
Uthe okungcono abantu amafa abawagcinelwe ngabamabhange kumele bavele bangene ohlelweni olubizwa ngokuthi yi-Estate Preservation Plan (EPP).
Kulolu hlelo uthe umnikazi wefa ukhokhela ibhange imali engu-R300 njalo ngenyanga.
Lokhu uthe kuchaza ukuthi ayikho imali eyonikezwa ibhange mhla ifa selabiwa..
Ukhulume nangeRevokation of Will lapho umnikazi wefa ecisha elidala, ebhala elisha.
Lokhu uthe kuyilungelo lakhe loyo osuke aba ifa esadla anhlamvana.
Mayelana neNational Register of Will uthe lapha kuye kudingeke ilunga lomndeni elizokwazi ukuthi lugcinwe kuphi ulwazi olunzulu olumayelana nefa lomndeni.
Ukhulume nangenkiyankiya athe isiphenduke insakavukela emndenini yabantu abansundu.
Lokhu uthe ukubhaliswa kwendlu eyifa maqede umnikazi wayo ayibize ngokuthi yiFamily House.
Uthe ayikho into enjengaleyo wathi uye azibuze ukuthi lokhu kugunyazwa kanjani enkantolo?
Lokhu kwendlu uthe uhlelo olumayelana nalo lubizwa ngokuthi yiRegister of Deeds.
“Angeke uthi indlu uyishiyela umndeni. Kusho ukuthi phela kuzoba khona abantu abazohlala kuyona kodwa bangakhokheli ngisho ugesi lo. Phela nguwena nje obanikeze ilungelo,” echaza.
Uveze ukuthi umbiko wokuhlahlwa kwefa kuyenzeka uphazanyiswe yizingane zangaphandle okanye uphazanyiswe ngabathile abanobufakazi bokuthi umufi ushone ebakweleta.
Uthe laba bantu banelungelo lokuphonsa inselelo kuMaster of High Court yokuba akuqale phansi ukwabiwa kwefa, ukuze nabo bezoba nesabelo esithile. Incwadi uthe isiyatholakala ezitolo zaKwaZulu Natal.
U-Advocate Nkosi uzalelwe eMshwathi, wakhulela eHammarsdale. Iziqu zobumeli uzenze eZululand.