UMMELI oluleka u-Advocate Malesela Teffo, uMnuz Thabo Thobane uveze ukuthi uzobika ummeli womculi uKelly Khumalo, uNksz Magdalene Moonsamy enhlanganweni yabameli, iLegal Practice Council (LPC) ngokungaziphathi kahle emva kokuthi ekhulume nabezindaba mayelana necala lokubulawa kowayengunozinti, uSenzo Meyiwa.
UThobane uthe okwenziwe nguNksz Moonsamy kungenza ufakazi ecaleni abe nengebhe yokuzofakaza.
Lokhu kulandela ukuthi uNksz Moonsamy ekhulume nabezindaba echitha okuvezwe nguTeffo enkantolo kuleli sonto ngesikhathi ethi unofakazi ozofakaza ukuthi uKelly, ongunina wengane kaMeyiwa, nguye owadubula uMeyiwa ngephutha.
Izolo uThobane ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkantolo uthe udaba lusenkantolo, akumele uMoonsamy aludingide kwabezindaba.
“Sithe sizobiza ufakazi eze ngaphambi kwenkantolo. Uma ezokhuluma kanje (uMoonsamy), umsolwa uzoyeka (ukuza ngaphambi kwenkantolo),” kusho uThobane.
Uqhube wathi okwenziwa nguNksz Moonsamy akwehlukile nokuzama ukuphazamisa ukusebenza komthetho.
“Akwenzile uMoonsamy akulungile. Abameli abaneqiniso kabayi ukuyoziphendulela kwabezindaba. Ngokwemigomo yeLegal Practice Council, lokhu akwenzayo akuvumelekile. Usabisa ofakazi. Kuzobabeka esimeni esibi lapho bengeke besafuna khona ukuza phambili bazofakaza,” kusho uThobane.
Enkulumeni kaNksz Moonsamy ugcizelele ukuthi uKelly ufuna ukubizelwa enkantolo ukuze abeke olwakhe uhlangothi.
UMoonsamy ethintwa yiSolezwe uthe yena abekwenza bekuwukuphendulela ammele, kulandela izinsolo eziqubuke enkantolo.
"Yilokho kuphela ebengikwenza, ukuphendulela engimmele. Akukwazi ukuthi kungathiwa ngisabisa ofakazi ngoba angazi nakwazi ukuthi bawobani ofakazi," kusho uMoonsamy.
Uthe uzolinda ukuthi ithimba likaThobane lihambise isikhalazo salo kwiLPC ukuze ezwe ukuthi sithini kahle hle isikhalazo salo. Ngesikhathi kuqhubeka ukuthethwa kwecala enkantolo izolo, bekusaqhubeka yena ufakazi wokuqala, uSergeant Thabo Mosia, onguchwepheshe wezobunhloli emaphoyiseni, owafika endaweni yesigameko.
Ubephoswa ngemibuzo ngummeli womsolwa wesihlanu ecaleni, u-Advocate Zandile Mshololo.
UMshololo ubehlaba indlela uMosia athatha ngayo ubufakazi bezithombe endaweni yesigameko.
Uthe yaba namaphutha indlela ayisebenzisa lapho kuvele khona ukuthi kukhona obunye ubufakazi obabuphezu kwekhabethe ekhishini.
UMosia uziphendulele ngokuthi ubufakazi abuthatha wayebukhonjiswe ngumphenyi, uGeneral Philani Ndluvu, ongasekho.
UMshololo ukhombise ukumgxeka uMosia ngesikhathi ethi kusobala ukuthi akawazi umsebenzi wakhe uma ethi ewuchwepheshe kwezobunhloli emaphoyiseni kodwa athembele kuNdlovu ukuthi kube nguye omkhombusa ubufakazi okufanele abuthathe.
Ngemuva kokuveza kukaTeffo ukuthi kunofakazi ozoveza ukuthi kwadubula uKelly, kuqubuke ukuqagela ngokuthi ngubani lo fakazi. Ukufaka kukaZandie Khumalo isiqeshana seculo ekhasini lakhe le-Instagram kwenze abantu abazibuza ukuthi ingabe uZandie wuyena yini ufakazi uTeffo abekhuluma ngaye.
UZandie, ongudadewabo kaKelly naye owayekhona kudutshulwa uMeyiwa, ufake iculo elinezinhlamvu ezithi: “Sengihambe ibanga elide. Angisabuyeli emumva. Mina ngizondwa abantu abaningi ngakini. Namabhungu angakini angithwesa inganono.”
UZandie uliphelezele nombhalo othi: “Mina ngithi isikhathi sokushaya ikhwela sifikile nithini nina? Alukho usuku olungafiki phela alikhale.”
Ngalokhu, abantu ezinkundleni zokuxhumana babe sebeziqagela ukuthi nguye ufakazi uTeffo athe uzoveza ukuthi wuKelly owadubula ngephutha owayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa ngo-2014.
U-iamthandeka uthe: “Zikhala ngempela-ke manje.”U-iam_sanesoni wathi: Ufuna ukusitshelani dade? Iqiniso?”
U-thuly_dlamini2 uthe: “Cula mama cula sikhona futhi siyamamela, singabantu abalungile.”
Imizamo yokuthola uZandie ayiphumelelanga. Ucingo lwakhe belukhala, lungaphendulwa. Nolomyeni wakhe futhi oyimenenja yakhe, uMhlo Gumede belungangeni.