KUZOQOPHEKA umlando kwi-ANC njengoba kuqalile ukuvotelwa kwezikhundla eziyisikhombisa njengoba phambilini bekuvotelwa izikhundla eziyisithupha zabaholi abaphezulu abazola le nhlangano.
Laba baholi bazohola le nhlangano iminyaka emihlanu kanti ukuchitshiyelwa komthetho-sisekelo wale nhlangano, kwengeze isikhundla sephini lesibili likanobhala jikelele.
Kuthuke abaningi abanye abaholi abaphakanyiswe engqungqutheleni benqaba ukwamukela ukuqokwa.
Esikhundleni sikamegameli engqungqutheleni esongwa ngoLwesibili eNasrec eGoli, kubanga uDkt Zweli Mkhize noMnuz Cyril Ramaphosa ofuna ihlandla lesibili.
Kwesephini likamengameli kubangwa oMnuz Paul Mashatile, Ronald Lamola nosihlalo we-ANC e-Eastern Cape, uMnuz Oscar Mabuyane.
Kwesikasihlalo kubanga uMnuz Gwede Mantashe ofuna ihlandla lesibili, uMnuz Stanley Mathabatha noDkt David Masondo.
Kwesikanobhala jikelele kubanga oMnuz Mdumiseni Ntuli, Phumulo Masualle noFikile Mbalula.
Kwesephini lokuqala likanobhala jikelele kuphakanyiswe uNkk Nomvula Mokonyane emuva kokuba uNkk Febe Potgieter-Gqubule, ethumele i-email ehoxa embangweni walesi sikhundla.
UDkt Gwena Ramokgopa uphakanyisiwe kodwa wanqaba.
UNkk Tina Joemat-Peterson uphakanyiswe engqungqutheleni wakwazi ukuthola ukwesekwa okufanele ukuze akwazi ukubanga noNkk Mokonyane.
Kwesephini lesibili likanobhala jikelele kuphakanyiswe umxhumanisi wophiko lwabesifazane kule nhlangano uNksz Maropene Ramokgopa, wakwamukela.
Kuphinde kwaphakanyiswa noNksz Ronalda Nalumango naye okwamukele ukuphakanyiselwa kulesi sikhundla esisha wakwazi ukuthola amavoti afanele.
Kwesikamgcinimafa kubanga oMnuz Bejani Chauke, Pule Mabe okhulumela le nhlangano, Mzwandile Masina, uDkt Ramokgopa ophakanyiswe engqungqutheleni wakwamukela waphinde wakwazi ukuthola amavoti afanele.
Kuphakanyiswe negama likaMnuz Andile Lungisa, kodwa ochithiwe ngoba emiswe yile nhlangano.
Uhluleke wancama uNksz Lindiwe Sisulu ukuthola amavoti anele ukuze akwazi ukungena embangweni kwesikamgcinimafa njengoba igama lakhe liphakanyiswe engqungqutheleni.
Kuthusile uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, obelokhu ethi uyawungenela umbango wokuhola le nhlangano kuphakanyiswa igama lakhe kwesikamengameli kodwa wanqaba.
Kanjalo nephini likamengameli uMnuz David Mabuza kuphakanyiswe igama lakhe ekutheni akhuze ibuya kulesi sikhundla, kodwa wanqaba.
Ukuvota kuzoqhubeka ngesikhathi esisodwa nokuhlala kwamakhomishini.