USONGWE ngokhukhulela-ngoqo womthandazo izolo umkhankaso oqwashisa ngezinsuku eziwu-16 zokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Ubuhlelwe yiKwaZulu-Natal Christian Council, futhi usesontweni i-United Congregational Churches of South Africa eNanda.
Lo mkhuleko ubuhanjelwe nguNdunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala, nabaholi bamabandla ahlukene kanti inhloso yawo bekungukukhulekela isifundazwe ngoba lo nyaka ubunzima emindenini eminingi. Kuhlasela iCovid-19, izibhelu zangoJulayi okugqame kuzo isibhicongo sasePhoenix kufa abantu baniningi, nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane njengoba kunezigameko ezihlasimulisa igazi ezibikwe ngabezindaba okubalwa ukubulawa ngesihluku kwabesifazane.
Ekhuluma kule nkonzo izolo, uZikalala uthe ziyashaqisa izibalo zamacala odlame lwangokobulili abikwa eNanda, nje kuphela.
“Lokhu kudweba isithombe esibi ngendawo, ngenxa yalezi zigameko ezenzeka kakhulu ngempelasonto ezindaweni zokucima ukoma. Njengohulumeni, sisempini yokulwa nalesi sihlava sodlame unyaka wonke, asibheki nje kuphela izinsuku bezingu-16. Siyathembela emkhulekweni ukuthi usilekelele ukuqeda udlame oseluphenduke ubhubhane njengeCovid-19 neHIV/AIDS,” kusho uZikalala.
Ubonge ukungenelela kwabamasonto ekulekeleleni uhulumeni ngesikhathi kunokubhekana ngeziqu zamehlo, phakathi kwezakhamizi ezindaweni ezisondelene nePhoenix, emva kokubulawa kwabantu osolakala ukuthi kwenziwa ngabomdabu wamaNdiya.
Kuphinde kwakhulekelwa ubuholi bomdabu neNdlunkulu kaZulu njengoba kunomdonsiswano ngokugcotshwa kweSilo samaZulu. Umkhuleko ubuholwa ngabaholi bezinkolo zamahlelo ehlukene.