NJENGOBA kuqale inyanga yamagugu esintu kuleli, umelaphi wesintu uMnuz Siyanda Miya weTrunquil Herbs uqale umkhankaso wokugqugquzela abantu ukuthi bangabi namahloni ngokusebenzisa amakhambi esintu. Njengamanje uhambela izingxenye zeKwaZulu-Natal ehambe efundisa kabanzi ngamakhambi esintu ikakhulukazi ngezihlahla nezimpande ezitholakala khona emphakathini, eziwusizo ekwelapheni izifo ezithile.
UMiya ongowokuzalwa eMazabekweni, eXobho, uthi yinqwaba yemithi yesintu ekwazi ukwelapha izifo ezingamahlalakhona njengaleyo ekwazi ukulawula umfutho wegazi nesifo sikashukela. Uthe ikhona naleyo ekwazi ukwelapha ngisho izifo ezibucayi eyayaziwa emandulo engakutholi ukugqanyiswa ngenxa yokuthi ayihloliwe ngohlelo lwasentshonalanga.
"Lo mkhankaso ngikholwa ukuthi uzobasiza abantu bakithi ngoba imithi yesintu inamandla enele okusiza abantu bakithi,'' usho kanje.
Uthi kunezifo eziyingozi nezibonakala zidla fumuka zidla silaza kodwa kunemithi yesintu ekwazi ukubhekana nazo. Wenze isibonelo ngesifo sikashukela wathi sesibaqedile abantu.
"Akuphele manje kubantu ukuthi bayingabaze imithi yesintu ngoba yiyona esebenzayo. Uyabona uma kukhulunywa ngesifo sikashukela, silapheka kangcono uma ungeke uyizibe nemithi yesintu,'' usho kanje.
Phakathi kwezinye zezifo imithi yesintu ekwaziyo ukuyiqeda ubale inkinga yezilonda, isifuba, izinduna nezinye.
Uveze ukuthi imithi yesintu ayisebenzisayo midala njengoba yaqala ukugaywa ngumkhulu wakhe owabe enguMfundisi ebandleni lamaRoma aKhatholika.
Uthe inkinga ukuthi abantu bayayiziba imithi yesintu bese beqala ukuyicabanga ngoba sebebona ukuthi sezihlulekile izibhedlela.
"Uma umuntu ogulayo engaqala kusanesikhathi ukusebenzisa imithi yesintu nakanjani ukhona umehluko ongaba khona,'' echaza.
Uthe imithi yesintu iyalekelela nokuhlanza isinye somuntu wesifazane ngendlela efanele.
Ujwayele ukuzwakala emsakazweni uKhozi FM lapho asuke ekhuthaza khona ukusetshenziswa kwemithi yesintu.