UZONQUMA kusasa uMkhandlu waseThekwini ukuthi kuzokwenzekani ngemifanekiso yezigidi zamaRandi yabaholi be-ANC amaqembu aphikisayo angafuni ukuthi ifakwe phambi kwehholo ledolobha.
Ngenyanga edlule iDA, IFP, EFF ne-ABC baphikisa isicelo sokuthi kufakwe imifanekiso yezingqalabutho ze-ANC, akhala ngokuthi leli dolobha lihlonipha abaholi be-ANC kuphela ngemifanekiso.
Imifanekiso izodla umasipala imali engaphezu kukaR20 million.
Emhlanganweni wesigungu esiphezulu wangenyanga eyedlule kwavunyelwana ngokuthi uke uthi ukumiswa kancane lo mbiko ukuze kube nezingxoxo phakathi kwamaqembu ezepolitiki.
Kusasa umbiko uzophinde wethulwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu ngaphambi kokuthi wethulwe emhlanganweni womkhandlu, nawo okusasa.
Lokhu kuvezwe iMeya yaseThekwini, uMnuz Mxolisi Kaunda, ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni wesigungu esiphezulu, izolo.
Umbiko uphakamisa ukuthi kufakwe imifanekiso yowayengumengameli wakuleli wokuqala woMbuso wentando yabantu, uMnuz Nelson Mandela, nowayengumengameli we-ANC, uMnuz Oliver Tambo.
Amaqembu aphikisayo awahambisani nalesi siphakamiso akhala ngokuthi umasipala uhlonipha kuphela abaholi be-ANC ngemifanekiso.
Athi baningi abantu ababamba iqhaza elibalulekile kuleli dolobha okufanele bahlonishwe ngemifanekiso.
UKaunda uthe basaqhubeka nezingxoxo namaqembu ezepolitiki ahlukene.
Uthe bazoba nomhlangano wesigungu oyisipesheli kusasa uma sekuphothulwe izingxoxo.
Umhlangano wesigungu esiphezulu uzobe sewenza izincomo ezizodluliselwa emhlanganweni womkhandlu, ozothatha isinqumo sokugcina.
Umasipala uphithene amakhanda ngokuphikiswa kwalesi sicelo njengoba imifanekiso ivele isikhokheliwe.
Imifanekiso engu-9 metre ubude sekushoda ukuthi ithunyelwe eThekwini ngoba isiqediwe ukwakhiwa.
UKaunda uthe umhlangano wakusasa uzonquma ukuthi kuzokwenzekani ngemifanekiso uma isifikile kuleli dolobha.
“Kufanele sixoxe ukuthi sizokwenza njani ngemifanekiso uma isifikile la. Ngeke sikwazi ukuyigcina ndawana thizeni ngoba izosuke yonakale. Ingakho ngoLwesine kufanele sinqume ukuthi sizokwenza njani ngayo.”
Ngokwezinhlelo zomkhandlu imifanekiso kufanele ifakwe phambi kwehholo ledolobha lapho kukhona imifanekiso phakathi kwayo okungokaQueen Victoria, Jan Smuts nabanye.