INKOSIKAZI yenkakha kaphrojusa owayebuye abe ngumculi uRobbie Malinga, ongasekho emhlabeni, isithathe isinqumo sokuthi ifake enkantolo iTS Records ifuna inkontileka eyasayinwa wumyeni wayo ephakathi kwakhe nale nkampani.
U-Ann Malinga ongunkosikazi kaRobbie uthe kuyaphoqa ukuthi afake iTS Records enkantolo emva kokufaka incwadi yabameli, ebhalela inkampani efuna inkontileka kaRobbie kodwa iTS Records yangampendula.
Isolezwe Ngempelasonto linayo ikhophi yencwadi yabameli baka-Ann Malinga ayibhalele iTS Records, ne-Universal Music efuna inkontileka yokusebenzisana kwezinkampani nomyeni wakhe, ukuze abone ukuthi kumele ahlomule kanjani kumaroyalty omyeni wakhe.
Incwadi ibhalwe ngabameli baka-Ann, iMdakane Attorneys Inc, lapho becela ukuthi banikwe wonke amaphepha asayinwa nguRobbie enkotileka yokusebenzisana nalezi zinkampani. Uthe okwenza agcine engazi ukuthi kumele ahlomule kanjani ngamaroyalty omyeni wakhe okumele awathole yingoba nenkontileka akanayo.
“Ngiyibhalelile iTS Records ne-Universal Music ukuthi banginike lamaphepha enkontileka. I-Universal isingiphendulile icacisa ngedaba yamaphepha engiwadingayo nokuyinto engikhululile kodwa iTS ivele yakhetha ukungaphenduli. Isenzo sayo siyaphoqa ukuthi sibafake enkantolo ngoba kuyacaca ukuthi abazimisele ukuthi sisebenzisane kahle njengoba beziba ngisho nencwadi yabameli. Ngesikhathi bebhalelwa bebekelwe isikhathi ukuthi babe sebephendulile kodwa kuze kube yimanje abakasho lutho,” kusho u-Ann.
Kwimpendulo yakwa-Universal Music leli phephandaba elinayo ikhophi yayo, le nkampani iyaziqhelelanisa namaphepha asayinwa phakathi kukaRobbie nayo kodwa iwakhomba khona eTS Records.
Empendulweni yayo i-Universal Music iyakuveza ukuthi, impela iyazi ukuthi ikhona inkontileka eyasayinwa abaculi abangaphansi kweTS Records ebisebenzisana nayo kodwa bona babenenkontileka neTS Records, engathinti abasayine ngaphansi kwayo.
Bathe inkontileka yokusebenzisana neTS Records yasayinwa yi-EMI ngaphambi kokuba ithengwe yi-Universal Music. Bathi le nkontileka yayithinta ukusebenzisana phakathi kwabo ne-TS Records kuphela ingathinti abantu abangaphansi kweTS Records. Yathi uma kukhona abafuna ukukwazi abaxhumane nayo iTS Records.
Imizamo yokuxhumana nommeli weTS Records, uDumisani Motsamai ayiphumelelanga ngoba nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga.
U-Ann uthe akusekho okunye sebezohlangana khona enkantolo ngoba kuyacaca abazimisele ukubambisana nabo.
Ukuxabana phakathi kuka-Ann Malinga, neTS Records kaTK Nciza kuqale eminyakeni edlule ngesikhathi sekumele u-Ann athole imali yamaroyalty kaRobbie kodwa wakhala ngokuthi akayitholile. Uthe ubevamise ukuyithola kodwa kumxakile uma esebona engasayitholi kunalokho watshelwa ngemali eyisamba anikwa yona iTS Records watshelwa ukuthi ukhisimuzi wezingane.