OMAKHELWANE basichaze njengesidabukisayo isehlakalo sokusha kungqongqe izingane ezine emijondolo yaseMarikana eHendrina, esifundazweni iMpumalanga.
Esigamekweni okufe kuso amawele abafana aneminyaka eyisishiyagalombili, namanye amabili amantombazane aneminyaka engu-13 senzeke ezintatha zayizolo.
Omunye womakhelwane, uMnuz Patrick Chiloane, utshele abezindaba ukuthi yena uvuswe yingane yakhe imtshela ukuthi izwa kukhona umuntu okhalayo.
“Ngivuke masinyane, ngaphumela emnyango ukuyobheka ukuthi okhalayo ukhalelani. Ngithe uma ngifika phandle ngabona ukuthi umjondolo wakwamakhelwane uyasha,” kusho uChiloane.
Uthe ufike endaweni yesigameko wazama ukubhula umlilo kodwa kwangasiza ngoba amalangabi abesemakhulu.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uBrigadier Selvy Mohlala uthe ngokolwazi abanalo, amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko lapho bekushe khona umjondolo.
“Ngesikhathi befika, bathole ukuthi kunenhlekelele yomlilo. Kube sekubizwa abezicishamlilo. Ngebhadi izingane ezingamawele ezine, zishe zangqongqa, kwatholakala ukuthi zishonele endaweni yesigameko,” kusho uMohlala.
Uthe okwamanje akukacaci ukuthi yini ebe yimbangela yomlilo kodwa abakuqaphelile wukuthi bekunezintambo zikagesi ebezibonakala phansi.
Uthe lokhu kwenze basola ukuthi mhlawumbe kungenzeka ukuthi ugesi wakhona ubuxhunywe ngokungekho emthethweni.
UMohlala uveze ukuthi unina wezingane ezishonile, oneminyaka engu-33, ongowokudabuka eMozambique, ubezishiye zodwa izingane.Kuthiwa izingane bese zihlale zodwa izinsuku.
UMohlala uthe bathole ukuthi unina ubezishiye ngaphansi kweso likamfobawo wazo oneminyaka engu-17 ubudala.
“Ngesikhathi kuqala umlilo, umfowabo uzamile ukusindisa izingane zakwabo kodwa wehluleka ngoba umlilo ubusuvele umkhulu kakhulu,” kusho uMohlala.
Uthe unina nomfowabo (17) wamawele baphuthunyiswe esibhedlela esiseMiddelburg njengoba bebethuke kakhulu.
“Amaphoyisa avule idokodo lokufa kwabantu. Uphenyo lwawo luyaqhubeka,” kusho uMohlala.