ABANIKAZI benxanxathela yezitolo iBoulders, bafuna ukuyozixolisela kwisishoshovu saMaNdebele, uMnuz Thando Mahlangu, emuva kwesigameko lapho sicelwe khona ukuthi siphume siphele kule nxanxathela ngenxa yendlela abesigqoke ngayo yesintu samaNdebele.
I-Redefine Properties, imemezele ukuthi imisiwe imenenja yale nxanxathela, uMnuz Jose Maponyane, ebonakale kuma-video ixosha lo mthengi obevunule ngemvunulo yamaNdebele, ivideo yakhe egcwale kwizinkundla zokuxhumana.
Kule video uMahlangu, uzwakala ehilizisana nalo mphathi, obe esethi “Yinxanxathela yezitolo yami lena.” Lokhu bekwenzeka esitolo sakwaClicks.
Isikhulu esiphezulu sakwaRedefine, uMnuz Andrew Konig, sithe kuyishwa elikhulu okwenzeke kuMahlangu.
“Sizama ukuya kuMahlangu siyoxolisa kuyena, sibonane ubuso nobuso. SiyiRedefine, sifisa ukuthatha leli thuba ukugcizelela kubantu bakuleli ukuthi kuyilungelo lawo wonke ukuba nenkululeko kwezenkolo, okuvikelwa isigaba-15 kuMthethosisekelo. Ngaphezu kwalokhu, uma ubheka lapho elakuleli liphuma khona, kube nokuhlukunyezwa kwabantu ngenxa yebala, nesiko labo.”
UMahlangu akazange atholakale ukuphawula.
UKonig uthe inkampani izothatha isinqumo ngalolu daba.
Uthe bazolungisa nemithetho yangaphakathi kule nxanxathela nokubheka ukwenza kwezinye izimenenja.
Isitatimende esithunyelwe abakwaClicks, bazihlangulile kulesi sigameko bathi baphoxekile ngokwenziwe imenenja.
Bathe bona abazange baxoshe mthengi esitolo sabo, kodwa kube ile menenja yenxanxathela.
Bathe nabo bafake isikhalazo kubaphathi benxanxathela ngoba lokhu kwenzeke esitolo sabo.
INdlu yabaHoli boMdabu, iNational House of traditional leaders(NHTL), ifuna isinxephezelo, yathi ithukile ngale sehlakalo.
Le nhlangano ithe iyaphikisana kakhulu nokucwasana nokubukela phansi kwamasiko.