KUVELE ukuthi bangamalungu eCommunity Policing Forum (CPF) abangani abathathu boMfundisi webandla laseZayoni, bonke ababhekene necala lokudubula babulale abadlali bebhola esigamekweni esenzeka enkundleni yezemidlalo yaKwaDukuza, ngo-Okthoba 20, 2020.
Abasolwa kuleli cala ngumholi webandla, iWisdom From Christ Church International, uMbhishobhi Mzwanele Radebe (42), oMnuz Sikhumbuzo Nxumalo (35), Sikhumbuzo Muziwendoda Mathenjwa (42) noBhekezakhe Yimba (39) obethula ubufakazi bakhe izolo.
Babhekene necala lokudubula babulale abadlali bebhola ababili uNjabulo Cele (16) noFrancis Kuhane (17).
Laba ababili kuthiwa badubuleka umzimba wonke kodwa izinhlamvu eziningi zaziphelela esifubeni kumufi ngamunye.
Abamangalelwa bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngemuva kwezinsuku ezimbalwa. Basifaka isicelo sebheyili kodwa inkantolo yabachitha.
Bebekade bevele eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Ngosuku lwesigameko abafi kuthiwa babesemotweni ngesikhathi kuqhamuka abasolwa abane abayiqhulula ngezinhlamvu ezingu-24 bashonela kuyona imoto.
Enkantolo kuvele ukuthi abamangalelwa bobane babengamalungu okuqina eqembu Inkatha Freedom Party (IFP).
Kuvele ukuthi ababedubula babecabanga ukuthi babulala uMnuz Mzwandile Ndlela ongumqeqeshi webhola futhi oyilungu leqembu, i-Independence Alliance.
Kuthiwa abahlaseli babenengwa ukuthi uNdlela usola ikhansela labo, uMnuz Jabulani Sibiya, ngokukhetha iphela emasini uma kunikezelwa ngezindlu zomxhaso KwaMadundube, KwaDukuza.
UYimba ongummangalelwa wesithathu ethula ubufakazi izolo, uveze ukuthi yena wayengusihlalo weCPF.
Ubekade ephendula umbuzo kamshushisi, u-Advocate Thabani Buthelezi wokuthi kungani athola izingcingo eziyishumi kuMnuz Mpilo Biyela okuthiwa kwaqale kwabonakala yena enkundleni yezemidlalo ngaphambi kokuba kusuke udungunyane.
"Mina bengiyilungu leCPF sinaye uMpilo nabafowethu esisolwa nabo. UMpilo wayengishayela ucingo ngalolo suku ngoba wayefuna ukungazisa njengosihlalo wakhe ngokwenzekile enkundleni yezemidlalo,'' usho kanje.
UButhelezi uthe uyayichitha impendulo kaYimba wase emsola ngokuthi ungomunye wongqondongqondo ekubulaweni kwabadlali bebhola.
Uqhubekile uButhelezi wasola uYimba ngokugodla iqiniso ngakho konke okwenzeka ngosuku lwesigameko.
"Angeke ushayelwe ngumuntu oyedwa ucingo amahlandla aze abe yishumi ingekho into eniyihlelayo,'' usho kanje.
Uphendulile uYimba wathi: "Uma abantu bekhuluma kaningi ocingweni lokho kuchaza ukuthi kukhona umuntu ozofa?
UButhelezi utshele uYimba ukuthi umsebenzi wakhe ukuphendula, hhayi ukubuza uma ebuzwa.
IJaji uJikela libuze uYimba ukuthi kungani kuthathe isikhathi eside kangaka ukuvezela inkantolo ukuthi babengamalungu eCPF?
UYimba uthe lolu ulwazi vele akholwa ukuthi belusazovela enkantolo ngokuqhubeka kwesikhathi.
Icala liyaqhubeka.