Umelaphi wendabuko odume ngokungena ezizibeni ezesabekayo, ukhuza umkhuba wabamlingisayo ababeka impilo yabo engozini, okuthiwa sekuholele ekuphumeni kwezidumbu kukhona abaminzayo.
UMnuz Sethembele Ndlovu (24) odume ngeleNdlondloyamanzi ezinkundleni zokuxhumana, ongowokudabuka eHluhluwe kodwa ohlala oThongathi, engxoxweni yakhe neSolezwe, uthe isenzo sabantu abazenza yena ekubeni bengaluqondi ubizo lwakhe sibi kakhulu, ngoba kugcina sekuphuma izidumbu.
Ukusho lokhu kulandela ukusabalala kwezithombe ezinkundleni zokuxhumana, abantu beshutha besemanzini emifuleni benza Indlondlo yamanzi challenge okunemibiko engaqinisekiswanga amaphoyisa eveza ukuthi sekunabathathu asebedlule emhlabeni ngenxa yalesi senzo.
Esigamekweni sakamuva okukholakala ukuthi senzeke eSouth Beach eThekwini ngoLwesihlanu, owesilisa osemncane kuzwakala kwi-video omunye wabangani bakhe embiza ngendlondlo yamanzi, ngaphambi kokuthi agxumele olwandlwe esuka ebhulohweni elakhelwe ukuma kulo abasuke bezipholele ebhishi.
Othatha i-video okukholakala ukuthi ngomunye wabebehamba naye, uzwakala encoma isibindi sakhe, emgqugquzela ethi akaphume kodwa amagagasi agcina ngokumshovela maphakathi nolwandle
UNdlovu uthe lokhu kuwumkhuba okumele abantu beziqhelise nawo, ongaba nesiphetho esibi kwazise abangena emanzini ngale ndlela ngenhloso yokulingisa yena, basuke bengazazi ukuthi bahlanzeke kangakanani ukwenza njalo.
“Engihlale ngikusho, ukuthi abantu abangawasabi amanzi kodwa bawahloniphe. Ukungena emanzini kungekho into ekuyalele ukuthi wenze njalo, kodwa ngoba ulingisa omunye kuyingozi. Kimina kuwubizo engalunikwa amakhehla akithi ukusiza abantu ngale ndlela. Ukungena emanzini nasezizibeni okuthiwa akungenwa kuzo angikuqali manje, yinto endala kangangoba i-video engiyifake okokuqala enkundleni yokuxhumana i-Tik Tok ngingena edamini iJozini, bese kungokwesithathu ngingena kulo ngokuthunywa nangenhloso yokubamba umhlangano nabanikazi besiziba leso, ngoba angivele ngivuke nginqume ukuzingenela esizibeni nje ngenhloso yokuyoshutha nginameke ezinkundleni zokuxhumana, kodwa kuwubizo kimina,” usho kanje.
Uthe ngokuthatha ama-video nezithombe usuke ehlose ukubhala umlando njengenkosi yamanzi, ukuze ubonwe yizizukulwane. Uveze ukuthi ukwelapha ngamanzi ukuqale ngo-2022, emva kokuthi ethole lolu bizo esanda kuphothula iziqu zakhe ze-Business Management azenze eThekwini College.
Uveze ukuthi akukho lapho ethatha khona isinqumo sokuthi yisiphi isiziba noma impophoma azongena kuyo njengoba eyalelwa abadala kangangoba kwesinye isikhathi usuke engabazi ubungozi nomlando waleso siziba kwazise usuke “eyohlangana nabanikazi baso ngaphansi kwamanzi’’.
Uthe baningi abelaphi bendabuko abamgxekayo ngoba bethi akazange ayothwasa, wathi njengenkosi yamanzi akudingeki athwase kodwa uhamba nabathwasisayo. Uqinisekise ukuthi welapha ngamanzi kuphela futhi bayinqwaba abantu ababuyayo bezobonga.