UFUNA ukusebenzisa ukuqoshwa komculo wakhe ukukhulekela ukuqedwa kwesihlava sokubulawa kwabantu nokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane umculi wokholo, uSibongiseni Zikhali.
Lo mculi uzopha bukhoma ngo-Ephreli 19, ePlayhouse eThekwini, lokhu kuqopha ukwethe igama lePrayer Project.
Uthi ukhethe ukukwetha kanje ngoba enhliziyweni yakhe uhlushwa wukwanda kwezigameko zokubulawa kwabantu eNingizimu Afrika.
Ukholwa wukuthi umkhuleko unamandla anele okuguqula lesi simo esibonakala siwuhlalise lubhojozi umphakathi wakuleli.
"Indlela esezande ngakhona izigameko zokubulawa kwabantu kushiya imibuzo. Ngikholwa ukuthi ngaleli langa uma simbikela uNkulunkulu ngale nkinga kukhona angasenzela khona,'' usho kanje.
Ukhulume nangesihlava esimbi sokuhlukunyezwa kwezingane nabantu besifazane.
Uthe kuyadabukisa ukuthi kunezigameko zokuhlukunyezwa kwezingane nabantwana abancane okusabikwa ngazo namanje.
Uthe yingakho efuna ukuthi ngalolu suku kukhulekwe kujulwe ekubhekaneni nale ngwadla.
"Sizophinde simnxuse kakhulu uNkulunkulu esimkhonzayo angenelele kuzo zonke izinkinga esibhekene nazo zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ezincane,'' echaza.
Uveze ukuthi ufuna ukubona umculo wakhe udlondlobala kakhulu ngaphezulu kwalokhu oyikhona njengamanje.
Ubonge ukwesekwa akuthola kuMfu Melusi Dladla ongumholi weBandla, iFamily Church International akhonza kulona.
Uthe kumnikeza isibindi njalo ukwazi ukuthi unohlobo lomholi olukwaziyo ukuthi lume naye njalo.
Phakathi kwabaculi abazobe beyingxenye yomcimbi kubalwa uThobeka Jili, Dorcas Jeza, Mpumi Mtshweni nomsakazi woKhozi FM uPhindi P.
Umcimbi uqala ngehora lesithupha ntambama, amathikithi okungena abiza u-R250.