USEKUBHACENI umculi wokholo osola inyanga yodumo yaseThekwini, uBhongolethu "Dr Khehlelezi" Mzo, ngokuthi ifuna ‘ukumvala umlomo’.
UNjabulo Sibiya (34), waseNquthu, umholi wamaqembu lomculo wokholo obizwa ngesikhalanga, uthe isono sakhe wukuthi ubefuna ukudalula ukuthi ngoJulayi 2021, wabhonywa maqede wakhishwa iso ngesikhathi emenywe nguKhehlelezi, esontweni lakhe eVerulam.
Phakathi kwamaqembu aholwa ngumculi wokholo kubalwa i-Abathandi Besikhalanga, Abathunywa. neTwo Families of God.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe Ngempelasonto, uSibiya uthe wamenywa nguKhehlelezi ukuba azonandisa enkonzweni yebandla lakhe, Isihlahla SikaJehova.
Ulandise kanje umculi wokholo: "Wangibona ngigwaba kwiYouTube wabe esethi uyayithanda indlela engigwaba ngayo. Wabe esengimema ukuba ngizonandisa ebandleni lakhe. Ngafika ngagwaba kwaba mnandi kanti kuzoba nensizwa ezovukwa wumoya. Sabe sesima sigobisa amakhanda. Kwathi kusenjalo yaqonda kimi yafike yangishaya ngenduku yomhlabelo kwaqhuma iso."
USibiya uthe kwaphuma igazi lagcwala indlu yonke maqede wabanjwa wakhishelwa emnyango.
"UKhehlelezi wathi angiphuthunyiswe esibhedlela saseThekwini, eMcCord. Angazi ngafika nini khona ngoba ngaquleka. Ngaphaphama ngesikhathi uKhehlelezi etshela odokotela ukuthi mina ngilimale iso ngesikhathi ngiklabha izinkuni."
Umculi uthe uKhehlelezi wathi angamvuleli icala lo muntu omlimazile ngoba akanalutho. "Wathi uyena ozokhokhela zonke izindleko zokulashwa kwami futhi anginakekele ngoba ngilimale ebandleni lakhe."
Uthe ziningi izinto ezimlahlekele ngenxa yokulimala enkonzweni. Uthe ubesebenza njengo-caretaker endaweni ehlala abafundi eGoli, kodwa waxoshwa ngoba abaphathi bethi usezohluleka ukusebenzisa ikhompyutha.
Uqhube wathi:"Ngigcine sengehluleka ukukhokhela indawo ebengihlala kuyo eGoli, umasitende wangixosha futhi esenqwaha nezimpahla zami."
Uthe uzamile ukuxhumana noKhehlelezi njengoba ayethembise ukumnakekela kodwa akasayingeni indaba yakhe.
"Kunalokho useyangisongela. Uthi ngihamba ngimkhuluma kabi kubantu. Yingakho ngithathe isinqumo sokuthutha lapho bese ngiqube khona ngayocasha endaweni engaziwa ngoba bese ngizingelwa ngabantu engingabazi."
Uthe uKhehlelezi waze wamthumelela izithombe zabantwana bakadadewabo, wasonga ngokuthi uzobenza isilo sengubo uma engayeki ukukhuluma ngodaba lweso.
Ephetha uNjabulo usole uKhehlelezi ngokugweva neso lakhe okuthiwa walithatha esibhedlela. Ebuzwa uKhehlelezi ngezinsolo, uvele washaya ngezinqamulelayo wathi "Ngeke ngiphawule."
Sezithanda ukwanda izigameko zabaphuma amehlo enkonzweni yaseZayoni ngoba ngesonto eledlule uNksz Thembisile Ntombela, udalule ukuthi wabhonywa waphuma iso ngesikhathi ethandazelwa ebandleni kwaHlabazihlangane kwa-C, eNanda.