LITHATHE elinye igxathu icala lokubulawa kowayengumfundi ka-matric, uMondli Majola (19), ngezibhelu ePhoenix ngesikhathi uMbuso uvuma enkantolo ukuthi awunabo ubufakazi obuveza ukuthi umufi washona ngokudutshulwa.
Lokhu kuvuma kwenziwe ngumshushisi, u-Advocate Bonginkosi Mbokazi, eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesihlanu ngesikhathi enza izethulo zokugcina, ezendlalela ukuwiswa kwesigwebo.
Icala lihlehliselwe uMeyi 19 okuwusuku iJaji Gregory Kruger elithe lizokhipha ngalo isigwebo.
Izelamani zakwaGovender, uDylan noNed, zithweswe icala lokubulala uMondli namabili okuzama ukubulala uMnuz Mxolisi Putuzo noMnuz Nkululeko Mangwe.
UMbokazi uthe nakuba udokotela woMbuso, owahlola isidumbu sikaMondli, wenza nombiko ngalokhu efakaza enkantolo ukuthi umufi wadutshulwa kodwa azikho izithombe ezikhombisa imbobo athi eyenhlamvu yesibhamu.
Kuthiwa iphoyisa elalilapho, udokotela ayehlolela khona isidumbu, alisithwebulanga isithombe sembobo esemuva komphimbo udokotela athi eyenhlamvu eyayingene ohlangothini olulodwa yaphuma kolunye.
“Ukungabi khona kwalobu bufakazi kwenza uMbuso ungabi nabo ubufakazi obugcwele bokuthi ummangalelwa wokuqala (uDylan) wamdubula umufi. Nakuba kunjalo, inkantolo kumele ibalahle ngecala lokubulala ngoba abamangalelwa babekade bemdibimunye nabantu abashaya uMondli waze washona,” kusho uMbokazi ecela ijaji ukuthi lilahle la madoda ngamacala athweswe wona.
Ithimba labameli babasolwa lihlale ephuzwini lokuvuma ubudedengu obenziwe wuMbuso, lathi sekucacela noma ubani ukuthi oGovender akubona ababulala uMondli, umbulali akakaboshwa.
Ingqikithi yezethulo zaleli thimba wukuthi abasolwa babekhona endaweni yesehlakalo kodwa abazange benzakalise abagilwa njengoba kusho uMbuso
Okudalulwe nguMbokazi kubukeka kukhathaze ijaji, lathi lizokwenza ukuphawula kwalo uma selikhipha isigwebo ngendlela ebinamaphutha ophenyweni ebekade lenziwa amaphoyisa kuleli cala.
UKruger uthe kunabantu ababonakalayo kwividyo eveza lesi sehlakalo kodwa abangaboshiwe.
“Labo bantu bacace bha kule vidyo ukwedlula abasolwa (oGovender) kodwa asazi kungani bona bengazange baphenywe njengoba enye yamadoda evelayo, egqoke isikibha esiphuzi, amaphoyisa ethi ayayazi ukuthi ingubani kodwa awasho kungani ingaboshwanga yona,” kusho uKruger.
UMbokazi uvumile nokuthi uMbuso awunawo umbiko kadokotela ofakazela okwakushiwo nguPutuzo enkantolo ngesikhathi echaza ngamanxeba awathola emuva kokuthelekelwa umphakathi.