KUSHUBE isimo ngoLwesine enkantolo kuvela ukuthi u-Advocate Ntokozo Mjiyako kukaningi ehambela icala likaBongani Ntanzi obephekwa ngemibuzo wuMshushisi woMbuso u-Advocate Ronnie Sibanda.
UMeyiwa owayeyisilomo se-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng ngo2014. Abalisa abahlanu bathweswe amacala okubulala uMeyiwa kodwa bayawaphika onke.
Icala lisesigabeni lapho kubangwa khona ukuthi izitatimende zabamangalewa zokuvuma amacala kufanele yini zamukelwe njengobufakazi. Abameli bagibeza abamangalewa ebhokisini lofakazi ukuze bethule ubufakazi.
Selokhu uNtanzi eqalile ukwethula ubufakazi uphika kwasani, kanti kubuye kube nezikhawu eziningi la uMbuso uveza ukushayisana kwezinto azishoyo. UMjiyako kulolu daba ungena ngokuthi uMbuso uthi wuyena owayemele uNtanzi ngesikhathi evuma icala lokufa kukaMeyiwa phambi kwemantshi eBoksburg.
UNtanzi watshela inkantolo ukuthi ummeli uMjiyako akamazi, akazi nokuthi wayeqashwe wubani ukuthi ammele. Kuvela ukuthi uNtanzi ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi eTlabane, eRustenburg, eNorth West, ngecala lezinhlamvu, wayemelwe wuMjiyako.
UNtanzi wakuphika lokho enkantolo, wathi ngalolo suku akaze aye enkantolo futhi ababonanga noMjiyako. UMbuso ukhiphe ubufakazi obuphikisana nobukaNtanzi.
UMshushisi uSibanda ukhiphe amarekhodi asenkantolo yaseTlabane aveza ukuthi uNtanzi wavela enkantolo emelwe wuMjiyako. USibanda ubuze uNtanzi ukuthi uthini ngalobu bufakazi, uNtanzi ube eseshintsha, ethi kungenzeka ukuthi wayekhona.
“Uma sengikhumbula kahle ngangena enkantolo ngambona umuntu efake ijazi elifana nelomshushisi, kwakukhona nomunye. Ngathi ngiphakamisa isandla nganganakwa wumuntu. Izinsuku engaya ngazo enkantolo eRustenburg ziyangiphazamisa, ziyangidida,’’ kusho uNtanzi.
USibanda ubuze ukuthi useyajika yini kulokhu ayekushilo uNtanzi, uvumile wathi ubedideka. USibanda uqhubekile waveza ubufakazi bokuthi uMjiyako wayekhona waze wakhuluma esho ukuthi umele uNtanzi.
Kuvele nokuthi uNtanzi kwahamba isikhathi wase emhoxisa uMjiyako njengommeli wakhe, kuze kwafundwa nencwadi lapho ummeli ebikela inkantolo ngokuxoshwa kwakhe.