NKOSIKHONA CELE
UToto Miya (27) ozinze eThekwini uthi namanje isaqaqamba inhliziyo yakhe ngokuphucwa iqatha emlonyeni nguMbhishobhi Nicholas Sangweni (70) weDamaseku White Church yasoLundi, omhlwithe ithemba lakhe uNksz Bonisiwe Hlongwa (27) waseNdwedwe.
ISolezwe NgoMgqibelo lithole ukuthi uMbhishobhi Sangweni uganiwe unabantwana ababili. UMiya uthi bekuthi uma ebona uBonisiwe avele abone kahle ukuthi lona ngumama wabantwana bakhe.
Uthi ngaphambi kokuba uMbhishobhi Sangweni anyomfe uthando lwabo bebephila kamnandi kuheleza umoya wothando lweqiniso phakathi kwabo bobabili.
Uthi namanje usamthanda uBonisiwe futhi ubona kahle ukuthi akasoze ayeka ukumthanda ngoba nengqondo yakhe ibisizitshelile ukuthi usemtholile umaqondana.
Elandisa uthi uqale ukuthandana noBonisiwe ngo-2017. Uthi izinto ziqale ukuba mapeketwane othandweni lwabo maphakathi no-2020 ngesikhathi ethola ubufakazi bokuthi intombi yakhe seyijola noMbhishobhi Sangweni.
ISolezwe NgoMgqibelo lizibonile izingxoxo lapho khona uMbhishobhi Sangweni ayexoxa khona noBonisiwe bethembisana ukwenza ulozolo locansi ngakusasa. Le nkulumo yabo yayingomhlaka-7 kuDisemba ngonyaka owedlule.
Kule ngxoxo uMbhishobhi Sangweni uze anxuse uBonisiwe ukuthi ayigeze kahle “inkomo” ngoba ethi ufuna ukuyifica ikahle ngakusasa. UMiya uthi lo myalezo wamphula umoya kodwa waqhubeka wathandana noBonisiwe.
“Ngambuza ukuthi kwenzekani phakathi kwakhe noMbhishobhi. Wathi ubaba amjwayele akukho okunye okubahlanganisile. Ngokuhamba kwesikhathi ugcine esevuma ukuthi bayathandana wathi uluthwe yizinto ezinkulu uMbhishobhi Sangweni amenzela zona,” kuchaza uMiya.
Nyanga zonke uMiya uthi uMbhishobhi Sangweni intombi yakhe ubeyifakela imali. Uthi ngoDisemba nje kwangena u-R900 kwadlula izinsuku ezimbili uMbhishobhi Sangweni waphinda wafaka u-R1200.
Uthi uthe esababaza lokho uMbhishobhi Sangweni wavele wagixabeza intombi yakhe ngomakhalekhukhwini weqophelo eliphezulu i-Sumsung A11 galaxy ebiza u-R3500 esitolo.
Konke lokho uthi ubona kahle ukuthi uMbhishobhi Sangweni ubesazifudumeza njengoba ebesalungiselela ukwenza okukhulu.
“Ngikhuluma nawe nje umakhela ubhazabhaza wendlu eStanger. Angazi ukuthi lento ngiyenze njani. Ngididekile ngampela. Ngibona kahle ukuthi bengisababaza ubala ngesikhathi ngibabaza izimali amfakela zona ngoba phela nakhu okukhulu kunakho konke lokhu kokwakhela intombi yami indlu,” ebalisa.
Uthi sebehlukene ngenxa yokuthi bese bephila ngokuhilizisana bebanga indaba kaMbhishobhi Sangweni athi ivele yafana nesichitho othandweni lwabo.
“Okwangixaka ukuthi ngamfonela uMbhishobhi Sangweni ngamtshela ukuthi makahlukane nentombi yami. Wangiphendula wathi yiphi yona ngoba ziningi lezi zinto. Leyo nkulumo yangithusa,” usho kanje.
ISolezwe NgoMgqibelo limshayele ucingo uMbhishobhi Sangweni wavuma ukuthi uyamazi uBonisiwe. Wathi kungamampunge ukuthi bayathandana wathi bahlobene noBonisiwe. Kuthe uma intatheli imbuza ukuthi bahlobene kanjani wavele wankwankwaza.
“Bafuna ukudicilela phansi isithunzi sami. Ngiganiwe mina,” usho kanje ethuthumela. UBonisiwe ebuzwa ukuthi bayathandana yini noMbhishobhi Sangweni uqale wavuma wabuye waphika.
Uthe esuka wathi akamazi uMbhishobhi Sangweni.