UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ukuvikele ukutshalwa kwezinkulungwane zamasosha ukuba ziqaphe umbhikisho obuhlelwe yi-EFF.
UMbalula uthe izinsongo ezenziwa amalungu e-EFF ngaphambi kombhikisho wangoMsombuluko yizona eziholele ekutheni kube nesidingo sokuthi kutshalwe inqwaba yamasosha.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba izolo.NgoMsombuluko i-EFF ibinemibhikisho ezingxenyeni ezahlukene zezwe lapho ibifuna ukuthi uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, ehle esikhundleni, futhi ikhala ngenkinga kagesi.
Amaphoyisa abephume ngezinkani ukugada imibhikisho kanti futhi bekutshalwe namasosha angaphezu kuka-3 000 ukuba alekelele amaphoyisa.
Yize kukhona abakugxekile ukutshalwa kwenqwaba yamaphoyisa namasosha, uMbalula ukuvikele.
UMbalula uthe uhulumeni wafunda isifundo ngesikhathi kunezibhelu zangoJulayi 2021 lapho kwacekelwa khona impahla kwaphinde kwashona nenqwaba yabantu, wathi ukubona kanye wukubona kabili.
“Ngesikhathi kucekelwa phansi iTheku, kutashwa ezinxanxatheleni zezitolo, kuvalwa izitolo, kufa abantu abangaphezu kuka-300, kwaba nezikhalo eziningi. Abantu basola kakhulu uhulumeni ngokungaqinisi umthetho. Nakhu-ke manje sesibona umholi weqembu lezepolitiki ememelela ukuthi kuvalwe izwe. Lo muntu wamemezela usuku afuna ukuthi kuvalwe ngalo izwe futhi amalungu eqembu lakhe abesabisa osomabhizinisi.
“Nisholo ukuthi uhulumeni bekufanele asonge izandla? Bekufanele silinde kuze kuphinde kwenzeke le nto yangoJulayi (2021)? Namanje umnotho wethu awukakasimami. Sonke sazibonela into eyayenzeka ngo-2021. Kwaze kwasiza khona ukutshalwa kwamasosha. Angazi ukuthi kungani abantu bekhala uma kutshalwa amasosha.”
UMbalula uncome ukubambisana kwamaphoyisa nezinhlaka zomphakathi ekunqandeni udlame obelungase luqubuke embhikishweni.
Uthe amaphoyisa kufanele aqhubeke nokulwa nobugebengu njengoba enzile ngoMsombuluko.
Uphinde wancoma abantu bakuleli abangazange bazibandakanye nombhikisho we-EFF, wathi umbhikisho awuzange ube impumelelo.
“Abantu bakuleli bawushaye ngesithende umbhikisho. Abantu abazange baphume ngezinkani. Bekuwusuku olujwayelekile ezindaweni eziningi zezwe. Ngiyababonga abantu bakuleli ngokungavumi ukudukiswa abantu abathola amavoti angu-10% nje kuphela.”
UMbalula uthe uhulumeni oholwa yi-ANC usebenza kanzima ukulungisa izinkinga abantu bakuleli abakhala ngazo, okukhona kuzona inkinga kagesi.Uthe usuqalile ukubonakala umehluko.
“I-Eskom yahlawumbisela ukuthi izinkinga zikagesi zizoba ngcono ekupheleni kukaMashi. Lokho siyakubona kuyenzeka. Ngingasho ukuthi noma inkinga kagesi ingakapheli, sesiyabona lapho esiya khona.”