UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthi gede kumholi we-MK, uMnuz Jacob Zuma, osabisa ngokuthatha izinyathelo zomthetho uma i-ANC ingahoxisi isinqumo sokumxosha.
UMbalula uthe uZuma akenze akuthandayo, wathi ngeke bezwe ngaye.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emva kokuhambela ejele okwakuboshwe kulo izingqalabutho ezazilwela inkululeko, iRobben Island.
UZuma uthumelele i-ANC incwadi yabameli, eyiyalela ukuba ihoxise isinqumo sokumxosha.
Encwadini yabameli uZuma ukhale ngokuthi akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi exoshwa kwi-ANC.
Unikeze i-ANC umnqamulajuqu wasekupheleni kwale nyanga ukuba ihoxise isinqumo sokumxosha, wathi uzothatha izinyathelo zomthetho uma kungenzeki lokhu.
UMbalula usole uZuma ngokufuna ukubukwa.
“Kwalandelwa yonke imigomo. Sakhuluma naye ngesikhathi kuqhubeka uhlelo lokumqondisa ubugwegwe. Ngokomthethesisekelo we-ANC, uZuma akaselona ilungu le-ANC. Ingakho singeke siyinake indaba yakhe.
“Uzama nje ukusiphazamisa njengoba sibheke emcimbini wokugubha usuku okwasungulwa ngalo i-ANC. Ubenesikhathi sonke sokuba asithumelele le ncwadi yakhe. Ukhethe ukuyithumela namhlanje ngoba ufuna ukuphazamisa umcimbi wethu. Ufuna kukhulunywe indaba yakhe. Lena iyona ndlela uZuma asebenza ngayo. Uzicabangela yena yedwa.”
UMbalula uthe uZuma uwuHubhu kaBhejane, wathi sebekhathele uyena edukisa abantu.
“Akasiyise enkantolo, akenze noma yini abona imlungele. Sizoziphendulela. Siyazi ukuthi sayilandela yonke imigomo ngesikhathi kuqhubeka uhlelo lokumqondisa ubugwegwe.”
UMbalula uthe siphelile isikhathi sokuthi abaholi bazenzele umathanda kwi-ANC.
“Naye uZuma kulesi cagogwana aziqalele sona, uhlezi ebaqondisa ubugwegwe abaphula imithetho. Nalapha kwi-ANC bazothathelwa izinyathelo abenza okuphambene nemigomo.”
UZuma waxoshwa kwi-ANC emva kokuba ekhankasele i-MK eyayincintisana ne-ANC okhethweni olwedlule.
Encwadini yabameli, uZuma ukhale ngokuthi ikomiti eliqondisa ubugwegwe kwi-ANC lanqaba isicelo sakhe sokuthi azifikele mathupha esigcawini sokuqondiswa ubugwegwe, kungasetshenziswa ezobuchwepheshe.
Uphinde wakhala nangokuthi akazange anikezwe ithuba lokuthi abeke uhlangothi lwakhe ngesikhathi eshushiswa.
Ikomiti elilalela amacala adlulisiwe kwi-ANC nalo lachitha isicelo sikaZuma sokuba kubuyekezwe isinqumo sokumfaka amasondo.