UNOBHALA JIKELELE we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula ukhwele wadilika kobeyisikhulu esiphezulu e-Eskom, uMnuz Andre de Ruyter esithangamini nabezindaba izolo.
U-De Ruyter kuvele ngoLwesithathu ebusuku ukuthi useshiya isigubhukane, ngeke esaqhubeka nokusebenza ngaphansi kwenothisi kuze kube sekupheleni kukaMashi njengoba bekwaziwa, kwazise wayesevele ememezele ngoDisemba ukuthi uyashiya.
U-De Ruyter, ngesikhathi enenkulumo ekhethekile nesiteshi sezindaba esikhokhelwayo sethelevishini ngoLwesithathu ebusuku, uthe kunongqongqoshe ophakathi enkohlakalweni e-Eskom nokuthi ne-ANC inalo ulwazi ngalokhu ngoba iANC iyazuza. Uveze imininingwane mayelana nesigameko akholwa wukuthi wadliswa ushevu owawufakwe ekhofini lakhe.Uthe wathola usizo lwezempilo ngokushesha kodwa ukholwa wukuthi ngabe wafa ngenxa kashevu. Uthe inkohlakalo beyidla lubi e-Eskom ngoba njalo ngenyanga bekunyamalala imali engango R1billion.
“Ngihlawumbisela ukuthi imali engango 1billion beyilahleka ngenyanga. Sibe sesiqala ukuvala umpompi, lokho akuzange kwehle kahle. Kunzima ukuqangela ukuthi ubani kahle hle owayezama ukungibulala, kodwa bakhona abantu abangaba nesizathu sokwenza lokho, baningi,” kusho u-De Ruyter.
UMbalula uthe imibono evezwe u-De Ruyter ayivumelekile.
UMbalula uthe u-De Ruyter kufanele asho esidlangaleni uma efuna ukujoyina ezepolitiki, aphinde asho futhi ukuthi uhambisana nobani ukuze kwaziwe.
Uthe izikhulu eziphezulu zanoma yiziphi izinkampani akufanele zizibandakanye ezinkulumeni-mpikiswano zezepolitiki, okubalwa naye u-De Ruyter.
“U-De Ruyter wayeqashelwe ukuthi abe sekhaleni lokujika izinto e-Eskom, ayijike ibe yinkamapani kahulumeni esebenza ngendlela efanele, ehlinzeka iNingizimu Afrika ngogesi ngendlela egculisayo. Uhluleke wancama ukwenza lokhu, okungomunye wemibandela ayeyibekelwe ngokwenkontileka yakhe,” kusho uMbalula.
Uthe ukuveza kwakhe imibono ayiveze enkulumeni yakhe nesiteshi sezindaba, wenze into engaphandle kwalokho okwakubhalwe enkontilekeni yakhe aqashwa ngayo.
Uthe umbono wokuthi i-Eskom iyinkampani kahulumeni noma cha, lokho akusikho okwakhe.
Uqhube wathi bayazichitha izinsolo zakhe ezingenasisekelo zokuthi kunokugxambukela kwezepolitiki ezindabeni ze-Eskom kanjalo nenkohlakalo.
“Ngalokhu usezama ukulisusa kuye icala lokungawenzi umsebenzi wakhe ngendlela ebilindelekile, alibeke kwabanye abantu. Kufanele sizibuze ukuthi kungani eseveza lezi zinsolo manje ngoba eseshiya e-Eskom,” kusho uMbalula.
Uthe uma kukhona inkohlakalo anolwazi ngayo u-De Ruyter, kufanele alethe ulwazi lwayo ngoba ubeyisikhulu esiphezulu ngesikhathi yenzeka ukuze alekelele amaphoyisa enze umsebenzi wawo.
Uthe kuyajabhisa ukuthi izwe libone okukhulu ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga ngesikhathi kuphethe u-De Ruyter.
Uthe bame naye u-De Ruyter ngesikhathi abaningi beveza ukungayizwa kahle indaba yokuqashwa kwakhe, bethi nasenkampanini ayevela kuyo wahluleka.
“Manje ngoba usebonile ukuthi wehluleke wancama usefinyelele esinqumeni sokuthi uyashiya, siyakwamukela ukushiya kwakhe,” kusho uMbalula.
Okhulumela i-Eskom, uMnuz Sikonathi Mantshantsha uthe bafinyelele esivumelwaneni no-De Ruyter sokuthi angashiya, angabe esaziqedela izinsuku zakhe zenothisi, obekumele ziphele ekupheleni kukaMashi.
Uthe njengamanje banemihlangano lapho bebhunga khona ngokuthi ubani ozobamba isikhundla okwamanje.