UNOBHALA_Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, ukhwele wadilika kwiMK, wayichaza njengeqembu elisungulwe ngabantu abakhungethwe yizinkinga ngesikhathi kukhunjulwa isosha lophiko lwezempi kwi-ANC, uMkhonto weSizwe uMnuz Chris Hani.
UMbalula uthe iMK, ekhankaselwa ngowayengumengameli uJacob Zuma, ngeke ilungelwe yilutho ngoba isungulwe abantu abanezinkinga bonke.
“Uma ubabheka laba, ungababala bonke banezinkinga. Iqembu lezepolitiki alisungulwa ngabantu abakhungethwe yizinkinga,” kusho uMbalula.
UMbalula ubekhuluma emcimbini obuseThomas Nkobi Memorial Park, eGauteng.
UHani wayenesikhundla esiphezulu kuMkhonto weSizwe, wasocongwa ngo-1993 ngesikhathi kulungiselelwa ukhetho lwango-1994.
UMbalula uthe bamelene nokusungulwa kweMK ekhankaselwa wuZuma, wathi bona bazi uphiko lwezempi lolu olwaluholwa uHani nabanye.
“UHani ubezophatheka kabi ukuba usekhona uma ebona kukhona abafuna ukuphikisa umlando. Ubezophatheka kabi uma kukhona abafuna ukuphikisa ukuthi iMK yasungulwa yi-ANC. Ingakho sisenkantolo, silwa naleliqembu lezepolitiki elibizwa ngeMK.
“Asinankinga nomuntu uma efuna ukuziqalela iqembu lakhe lezepolitiki, esilwa nakho ukuthi kuntshontshwe igama lethu. IMK wuphiko lwe-ANC ,yingakho sizolilwela igama leMK,” kuqhuba uMbalula.
Uthe akubathusi ukuqembuka kwamalungu e-ANC asejoyine iMK, wathi azobuya.
Udalule ukuthi akuqali ngeMK ukuthi kusungulwe iqembu lezepolitiki. Ahlezi esungulwa ngabantu amaqembu ezepolitiki, abantu abahambe kwi-ANC bayazibuyela,
Uqhubeke ngokuthi bababona sebebuyile, bangazi nokuthi babuye nini. Abanye babuya sebekhokhoba.
UMbalula uthe abanalo uvalo lokuthi bazohlulwa okhethweni oluzayo, wachitha amaqembu athi afuna ukubusa ngokubambisana nabo emva kokhetho.
Uthe baningi abahamba bethi bazohlulwa okhethweni. Abanye bathi bazobusa ngokubambisana futhi sebeqalile ukuzisondeza.
“Basibingelela ngisho ebumnyameni, singababoni. Abakhohlwe laba abacabanga ukuthi sizobusa ngokubambisana. Abachithe amanzi, akukho nkukhu ezochuthwa la.”
“Asisakucabangi ukubusa ngokubambisana ngoba kunezinkinga eziningi komasipala ababusa ngalo luhlobo,” esho.
Kwabanye omasipala uthe yibona abanezihlalo eziningi kodwa akubona abaphethe.
Uveze ukuthi kufanele bahambe bencenga amaqembu amancane ukuba abanikeze isikhundla sobumeya, sebeguqela izihlalo ezimbili.
Laba bantu uthe bakhuluma lokhu nje kubantu abanezihlalo ezingu-50.