UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnuz FIkile Mbalula, uhlaba eyokubulalana kwamaqabane kanjalo namakhansela KwaZulu-Natal, wathi lesi sihlava kumele siqedwe.
UMbalula uthe abantu ababulala amakhansela namaqabane yizigebengu, kudingeka kusetshenziswane namaphoyisa.
“Amanye amaphoyisa ayizigebengu, asebenza nababulali. Uthi uzobika icala, iphoyisa lona libikele izigebengu ukuthi ubuzobika. Ayiphele le yokubulalana kwamakhansela namaqabane,” kusho uMbalula.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma enkundleni yemidlalo iHarry Gwala Stadium eMgungundlovu, lapho le nhlangano ibiyobikela amalungu ngekwenzile.
Unxuse amalungu esigungu se-ANC esifundazweni ukuthi angabangi izikhundla.
“I-ANC eKZN iphethwe uDuma (Sboniso, usihlalo). Akekho omunye ophethe le nhlangano, ngakho sebenzani madoda.”
UMbalula uthe kumele kuphele nesihlava sokushaywa nokuhlukunyezwa kwabasifazane nezingane.
Uveze nokuthi kumele ilungiswe eyezinkinga zokungaholi kwabantu abadala.
“Ayilungiswe indaba yePosi nokungaholi kwabantu abadala. Ungqongqoshe walo mnyango kumele ayilungise, uma kungenjalo sizolungisa umuntu.”
Uthe uzwile ngenkinga yokuthi akuwona wonke umuntu ofanele ohola isibonelelo sabangatohozi engu-R350 ngenyanga.
“Ngiyixoxile noMengameli Cyril Ramaphosa eyokuthi ayilungise eyabantu abangaholi le mali. Asifuni kodwa ukwakha isizwe esizothembela ezibonelelweni. Sifuna abantu bathole imisebenzi.”
Unxuse noNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande, ukuthi alungise inkinga yesikhwama esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NFSAS).
“Nzimande, ilungise le nto yeNSFAS. Iyasidlisela ngamavoti ezikhungweni zemfundo ephakeme. I-ANC ezolungisa inkinga yeNSFAS.”
Uthe ayiphele eyokungaboni ngaso linye, ongakhethwanga engqungqutheleni, akalinde aseke abakhethiwe.
“U-Dkt Zweli Mkhize, ilungu le-ANC elahlulwa eNasrec nyakenye, kodwa namanje akazange aye ndawo. Usayilungu le-ANC elisebeza ngamandla.
USihle Zikalala, washaywa nguDuma engqungqutheleni, akusetshenzwe. Baningi abaholi base-KZN abagcwele kwiKhabhinethi kaMatamela.”
Uthe naye eNasrec wakhethwa, ehlula uMnuz Mdumiseni Ntuli, kumele ibunjwe i-ANC.
Uqhube wathi abanankinga nowayengumengameli Jacob Zuma kanjalo noMnuz Thabo Mbeki.
“Uma abantu sebebadala, bayekeni bakhulume noma yini ngoba basuke sebefana nezingane. Asinankinga noZuma, kanjalo noMbeki. UMbeki ukhuluma noma yini ayithandayo, asisho lutho kuyena.”
Uthe bayaphupha abacabanga ukuthi le nhlangano izophuma emandleni okhethweni lwangonyaka ozayo.
UDuma uveze ukuthi kuningi le nhlangano esikwenzile esifundazweni, ikakhulu kwezemfundo, emnothweni ekuthuthukiseni ingqalasizinda efana nemigwaqo.