UNGASE uphele maduze umshado ophakathi kwe-ANC ne-EFF njengoba unobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, eveze ukuthi usencamela nokuthi i-ANC ilahlekelwe ngomasipala kunokuthi iqhubeke nokusebenzisana ne-EFF.
UMbalula uveze ukuthi ufuna isivumelwano sokusebenzisana komasipala esiphakathi kwalamaqembu sibuyekezwe, wakhala ngokuthi lesi sivumelwano asiyisebenzeli i-ANC.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo esidlweni sasekuseni ebesihlelwe wubuholi be-ANC Youth League esifundazweni iGauteng.
I-ANC iqale ukusebenzisana ne-EFF ngasekuqaleni konyaka.
Ukusebenzisana kwe-ANC ne-EFF kuholele ekutheni la maqembu ngokubambisana ahlwithe omasipala abebephethwe iDA ne-IFP okubalwa kubo omasipala abakhulu baseGauteng, owaseJohannesburg, nowase-Ekurhuleni, omasipala baKwaZulu-Natal abasanda kuphunyuka i-IFP, okungumasipala wakwaNongoma, owakwaMaphumulo nowaseDannhauser.
UMbalula uthe akuyelekeleli i-ANC ukuthi isebenzisane ne-EFF ekubeni umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ehlezi ehlasela umengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa.
“Kufanele sibuyekeze lo mshado esinawo nabo la kumasipala waseJohannesburg. Asikwazi ukuhamba nabantu abafuna siphume ezintanjeni zombuso. Kungcono sihlangane ne-DA. Umengameli wethu uhlezi ehlaselwa zonke izinsuku kodwa thina sithi kulungile ukuthi sisebenzisane nalaba bantu. Angeke sivume ukusatshiswa abafana abancane abahlulwa nawukuhlaba inkomo (ebhuqa uMalema othwetshulwe bukhoma kumthatha isikhathi eside ukuthi akwazi ukuyihlaba esikhonkosini lapho bekuhlatshwa khona izinkomo ezizodliwa emcimbini we-EFF).
“Angeke mina ngilokhu ngiya le nalena. Zonke izinsuku i-ANC ihlezi ihlaselwa. Nani njengamalungu e-ANC nithule ekubeni sihlaselwa. Angeke sivume ukuhlaselwa.”
UMbalula uthe uzokwethula ngokusemthethweni isiphakamiso sokuthi kubuyekezwe lo mshado emhlanganweni wesigungu esiphezulu kwi-ANC.
“Angeke sifike sithole amavoti amaningi bese sinikeza amandla kwabanye abantu. Lesi sivumelwano asikwazi nokusichaza kahle. Siyankwankwaza uma sibuzwa ngaso. Ingakho ngithi kufanele sibuyekezwe. Ngoba silambile semukela noma yini esiyinikezwayo. Akufanele sincenge abanye abantu.”
UMalema uthe uncamela ukuthi i-ANC ilahlekelwe yilabo masipala kunokuthi iqhubeke nokubambisana ne-EFF.
“Kufanele sibuyele ekubeni yiqembu eliphikisayo. Ngiyazi kunzima ukuba iqembu eliphikisayo kodwa kuyaphileka.”
UMbalula uthe enye into eyenza uMalema agibele phezu kwamakhanda e-ANC ngukuthi kunamalungu esigungu esiphezulu enhlangano ahlezi encoma uMalema.
Ubalule ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uMnuz Andile Lungisa, athe ungomunye wabantu abahlezi bencoma uMalema.
“Abantu abathanda uMalema kufanele bamlandele uma bekholelwa kuyena bayeke ukulokhu besibelesela ngaye.”