UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, akanalo noluncane uvalo lokuthi i-IFP ingase ihlwithe isifundazwe iKwaZulu-Natal okhethweni lwangonyaka ozayo.
UMbalula uchaze i-IFP njengamanzi amancane. Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni wesigungu esiphezulu kwi-ANC KwaZulu-Natal obubizelwe ukuzobhunga ngomthetho ohlongozwayo, iSA Postbank Limited Amendement Bill.
UMbalula uthe ubona i-ANC isazoqhubeka nokuphatha iKwaZulu-Natal nangemuva kokhetho lwangonyaka ozayo.
UMbalula uthe into engakhipha i-ANC emandleni eKZN kungaba ubuvila babaholi abajutshwe ezikhundleni.
“Singakhishwa ukuthi sihleli phezu komsebenzi, asisebenzi. NgesiXhosa sithi ‘sikhala siphethe’, siyakhala kodwa siphethe. Yini into esiyenzayo njengoba savotelwa abantu? Ithina esiphethe, ngakho kufanele sikhombise ukuthi siphethe.
“Akufanele sikhombise ukunethezeka ezikhundleni. Kufanele kubone noma ubani ukuthi siphethe. Ukuphatha kusho ukuthi kufanele siqhamuke nezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi.”
UMbalula uthe i-ANC yayinabaholi abakhuthele ngesikhathi iseyingxenye yohulumeni wokubambisana KwaZulu-Natal owawuholwa yi-IFP.
“Abaholi ababejutshwe ezikhundleni ngalezo zikhathi babezinikele emsebenzini wabo futhi imisebenzi yabo yayibonakala. Yebo, nani kukhona okuhle enikwenzile, akufanele nizigxeke kakhulu.”
I-IFP izokuya okhethweni lwangonyaka ozayo ihambela phezulu njengoba iqhubeka nokunqoba okhethweni lokuchibiyela esifundazweni.
Ngesonto eledlule, i-IFP ihlwithe iwadi ebikade iphethwe yi-ANC kuMasipala waseMvoti.
Kepha uMbalula uthe i-IFP ayimethusi nakancane.
“Abantu balokhu bebalisa nge-IFP, yini yona Inkatha? Inkatha into nje esiyigudluzayo, sihambe phezu kwayo. Sihambe, kubonakale ukuthi i-ANC iphethe.”
UMbalula uthe njengoba kubhekwe okhethweni lwangonyaka ozayo, abaholi abajutshwe ezikhundleni kufanele basebenze ngokuzikhandla, wathi i-ANC kufanele ibe yingxenye yazo zonke izinto ezenzeka esifundazweni okubalwa nezinto ezithinta iNdlunkulu kaZulu.
“Ithina esiphethe lana kuze kube ukhetho lwango-2024. Lokhu kusho ukuthi kufanele sibonakale nkalo zonke. Ayikho into okufanele inyakaze ngaphandle kwethu. Angeke kukhulunywe izindaba zeSilo singekho.
“Uma singekho kufanele zilungiswe ubani? Umntwana? Naye unezinkinga zakhe. Angazi noma uyafuna ukuzilungisa izinkinga zakhe noma uyaziziba kodwa zona ziyabonakala ukuthi ziningi.”
UMbalula uthe i-ANC kuphela engakwazi ukusombulula izinkinga ezibhekene nabantu bakuleli.