USEVULELWE icala emaphoyiseni umculi kamaskandi, uSgwebo Sentambo osolwa ngokwehlisa isithunzi uphrojusa weJabul’ Ujule kuKhozi FM, u-Ayanda Melansi.
USgwebo Sentambo usolwa ngokuqopha i-video echapha ngenhlamba u-Ayanda Melansi, maqede wayifaka ezinkundleni zokuxhumana.
Lo mculi uqophe i-video emva kokucasulwa wukuthi u-Ayanda Melansi uqambe izinja zakhe ngamagama omaskanda, okukhona nebizwa ngoSgwebo Sentambo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala.
“Icala lokwehliswa isithunzi livulwe esiteshini samaphoyisa iDurban Central. Ovule icala uthe wabona i-video emthukayo ifakwe ezinkundleni zokuxhumana. Kusaphenywa, ” kusho uColonel Mbele.
USgwebo Sentambo uthe useyazi ukuthi usevulelwe icala futhi namaphoyisa asemthintile ukuze azothatha isitatimende kuyena ngecala avulelwe lona.
“Ngizobambisana namaphoyisa ngokuthi ngiwanike isitatimende sami. Engineqiniso lakho wukuthi akukho lapho ngathuka khona u-Ayanda kodwa nguyena oseyochaza ukuthi yimaphi amagama engawasebenzisa amthukayo. Nami ngizomvulela icala njengoba kuwukungethuka ukuqamba inja ngegama lami,” kusho uSgwebo Sentambo.
Inkinga isuke ngesikhathi u-Ayanda ebhale ekhasini lakhe kwiFacebook, ezwakalisa ukuphatheka kabi ngokugula kwezinja zakhe, athe wubeziyise kudokotela. Wayethe amagama ezinja zakhe ezigulayo wuNyone’mhlophe noNtencane. Wabe eseveza ukuthi izinja zakhe zizonke bezinhlanu kodwa ezimbili usezidayisile. Wathi asezidayisile wuMgqumeni noSgwebo Sentambo, wase eveza ukuthi sekusele uMfazomnyama, uNyone’mhlophe noNtencane.