ISAWUKHATHAZA namanje uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal inkinga yokukhululwa kwamantombazane asemancane esifundazweni.
Lokhu kushiwo uMphathiswa wezeMpilo e-KZN, uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi, ngoLwesithathu emukela izingane ezizalwe ngoNcibijane esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial eMlaza.
Uveze ukuthi yize bejabule ngezingane zangoNcibijane, kepha iyabakhathaza eyezingane ezithola abantwana.
“Kulokhu sinomama abane abathole abantwana beneminyaka engu-16. Oyedwa wabo utete esibhedlela i-Charles Johnson Memorial eNquthu. Ukhuleliswe owesilisa oneminyaka engu-22. Kuthi laba abanye abathathu batete eHarry Gwala Regional,” kusho uNkk Simelane-Mngadi.
Uthe kuphinde kwaba khona amantombazane amabili aneminyaka engu-17, namane aneminyaka engu-18 athole izingane.
“Lezi zibalo ziyasikhathaza ngoba ziveza ukuthi la mantombazane akhulelwe emancane kakhulu. Sikhathazwa ukuthi ukukhulelwa kwamantombazane esemancane, impilo yawo iguquka unomphela,” usho kanje.
Ngo-12:30 emini, umnyango uveze ukuthi bese zingu-63 izingane esezizelwe ezibhedlela ezehlukene esifundazweni.
Kuzona kukhona amantombazane angu-38 nabafana abangu-25.
UNkk Simelane-Mngadi uthe ingane yokuqala, okube ngeyomfana, izalwe ngo-00:05 esibhedlela saKwaHlabisa.
Uthe ilandelwe eyesibili, nayo engeyomfana, esibhedlela esifanayo ngo-00:07.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ekuseni eMshiyeni uthe isibhedlela saKwaHlabisa bese samukele izingane ezinhlanu, zibe zine eMshiyeni, eSt Mary’s eMariannhill zibe yisikhombisa, esibhedlela iHarry Gwala Regional (Edendale) zibe yisithupha, kuthi iNewcastle zibe yisihlanu.
UMnyango wezeMpilo ubambisene nowezokuThuthukiswa koMphakathi nowezaseKhaya baqinisekisa ukuthi zithi ziphuma esibhedlela izingane ezizelwe zibe sezinezitifiketi zokuzalwa, ezivumeleke ukuthi zibhaliselwe isibonelelo sikahulumeni, zibhalise khona lapho.