LISHONE elayizolo zingekho izigameko zokulimala noma zokufa kwabantu ezibikiwe kuMasipala iTheku, njengoba imvula enamandla ehambisana nezikhukhula beyiqhubeka nokuyidliva ezingxenyeni ezithile zesifundazwe iKwaZulu-Natal.
Lokhu kuqinisekiswe yilo masipala esitatitimendeni sawo esithunyelelwe Isolezwe.
Nakuba kuleli dolobha nasezindaweni ezilakhele besekuqala ukuzwela njengoba eminye imigwaqo kuze kwadingeka ukuthi ivalwe ngenxa yokuhluleka kwengqasizinda eyakhelwe ukumunca amanzi kweminye imigwaqo, kodwa umasipala uqinisekise ukuthi amathimba ahlukene ame ngomumo ukubhekana nesimo.
Imvula eqale ukuyidliva ngeSonto ebusuku, isidale umonakalo esikhungweni sikaMapala weTheku okulungiswa kuzo izimoto zawo esisemgwaqweni uJohn Zikhali ngaseBotanic Garden, eMorningside, njengoba kuvele kwavuleka umgodi phakathi kuso, kwakhalakathela inqwaba yogandaganda bakamasipala abebegcinwe khona.
Umasipala uveze ukuthi usalindele imininingwane ephelele ngomonakalo odalwe yile mvula kwazise abasebenzi bawo nethimba elibhekelele izinhlekelele bethe chithi saka ukuqapha isimo, kanti namaphoyisa aqaphe okwenzeka emigwaqweni.
Abhekelele ukuvula imigwaqo okungenzeka ukuthi kuwele kuyo izihlahla ngenxa yemvula nokuqinisekisa ukuthi amahholo omphakathi ezindaweni ezahlukene akulengele ukwamukela amalungu omphakathi uma kunesimo esiwaphoqa ukuthi ashiye izindawo ahlala kuzo.
“Ukubhekana nalezi zinselelo, umasipala usujube ingxenye yethimba lamaphoyisa kuwo nelababhekelele izinhlekelele ukuthi lihambele izindawo okubikwa ukuthi kwenzeka kuzo izigameko kanti amanye amathimba azobe eqaphe isimo uma kukhona okumele basuswe ezindaweni abahlala kuzo ngokushesha,” kubhalwe esitatimendeni.
Ngenxa yale mvula elokhu iqhubeke nokuyidliva, umasipala unxuse abantu ukuthi baqaphele kakhulu ukuqinisekisa ukuphepha kwabo.
Abashayeli bayanxuswa ukuthi behlise ijubane futhi baqinisekise ukushiya ibanga eliphephile phakathi kwezimoto abahamba ngazo ukuqinisekisa ukuthi izingozi ziyagwemeka ngalesi sikhathi.
UMnuz Mkhushulwa Msimang wase-South African Weather Services, uthe phansi amaphaphu kubantu njengoba namhlanje kulindeleke ukuthi liphenye ngakho ayikho imvula elindelekile.