KUSUKELA namhlanje uMasipala waseMthonjaneni, eMelmoth, uthi awufuni nokuwabona amaloli athutha amalahle ehamba emigwaqweni yawo, kungenjalo bazolitheza olumanzi abashayeli bawo.
Lokhu kuza ngemuva kwesinqumo esithathwe emhlanganweni wamakhansela alo masipala ngesonto eledlule, ukuthi awasafuneki amaloli amalahle eMelmoth.
Lo mkhandlu uthe ngonyaka odlule, umphakathi waseMelmoth, wabhalela umkhandlu incwadi ufuna kuvalwe amaloli amalahle ngoba uthi adala izingozi, acekele imigwaqo aphinde ayivale kungahambeki.
IMeya yaseMthonjaneni, uMnuz Mbangiseni Biyela, ithe kuzovumeleka kuphela izithuthi zomphakathi, amaloli athutha ukudla, ihlathi nomoba njengoba kade kwenzeka.
UBiyela uthe amaloli amalahle asenqamula eMelmoth kusukela umphakathi wasoPhongolo wawavala ukuthi ahambe kuthelawayeka uN2 emuva kwesibhicongo sengozi okwashona kusona abantu abangu-20 nyakenye.
“Okwethu ukuvikela umphakathi ngoba uma kwenzeka ingozi yithina okumele sichaze. Sinenkinga yamaloli amalahle agcwala umgwaqo, kungahambeki avimbe izithuthi zabaya emsebenzini, ezikoleni nasezitolo, avimbezele namaambulensi athwele iziguli imbala,” kusho uBiyela othe amaphoyisa abo azowuqinisa umthetho emgwaqweni.
UBiyela uthe ngesonto eledlule, iloli yamalahle lishayise imoto ethutha abafundi, ngenhlanhla ibisizithululile izingane.Uthe nsuku zaphuma la maloli abulala imigwaqo, apake eduze kwemizi yabantu nasenkabeni yedolobha ephula imithetho yedolobha.
“Imigwaqo yethu imigodigodi, ifile ibulawa amaloli athutha amalahle. Le migwaqwo yayingakhelwanga ukuthi kuhambe la maloli. Kuthi noma egingqikile achithe amalahle, uma isivusiwe, ashiya kanjalo amalahle, kukhuculule umkhandlu,” kuchaza uBiyela.
Kubikwa ukuthi amaloli athutha amalahle asebenzisa umgwaqo uR66 bese echezukela emgwaqweni uR34 owathatha uze uyowafaka echwebeni laseRichards Bay, lapho esuke eyothulula khona amalahle.
Kamuva, kune-video ezungeza ezinkundleni zokuxhumana lapho umphakathi waseNdundulu uzitapela inyama elolini elifele emgwaqweni.
UBiyela uthe ngeke aphawula ngalokhu ngoba awukho umbiko ophelele abawutholile ngalolu daba kodwa bazoxhumana nobuholi bomphakathi kuhlanganisa inkosi nezinduna ukuthola kabanzi ngokwenzeke kuleya ndawo.
Kule video kuzwakala owesilisa ekhuluma sakubalisa ngokuthi inyama yakhe lena abantu abayitapayo futhi uyaqanganisa.
Okhulumela uMnyano wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanele Ncalane uthe zonke izithuthi ezihamba phansi zilawulwa wumthetho iNational Road Traffic Act.
UNcalane uthe umasipala nemithetho yawo awukwazi ukuthatha izinqumo ezishayisana nezimiso zomthetho kazwelonke.
“Sikuthatha njengokugagamela lokhu okwenziwe wumasipala. Umgwaqo uR34 owesifundazwe ngakho uma befisa ukwenza izinqumo ngawo kumele baxhumane nomnyango okuyiwona ongabanikazi,” kusho uNcalane.
Uthe lolu daba bazolubika ethimbeni labo lezomthetho. Udalule ukuthi bayayiqonda eyokwanda kwamaloli emgwaqweni njengoba kubuye kube nokuphazamiseka kuN2 oPhongolo.
“Le nkinga idinga ukuthi sonke sibambisane sivikele izimpilo zabantu singayenzi ibhola lepolitiki,” kusho uNcalane.