BACHONYWE uphaphe lwegwalagwala abaphila nokukhubazeka abebenikezwe uMasipala wasoPhongolo, ingqayizivele yethuba lokufundela imikhakha ehlukene ezikhungweni ezahlukene.
Umasipala wendawo wenze indumezulu yomcimbi wokubonga ukuphothula kwabafundi wase ukulumbanisa nokuhalalisela abafundi bakamatric abenze kahle ezikoleni zendawo.
Lo mcimbi ubusenkundleni yezemidlalo esigodini saseNtuthuko. Kuhlalukile ukuthi phakathi kwezinhlelo umasipala ozibeke eqhulwini kukhona ukusizwa kwabantu abaphila nokukhubazeka kwezemfundo, nokulekelelwa kwabantu abasha abanentshisekelo yokuqhuba izifundo emanyuvesi.
IMeya yendawo uMnuz Bheki Thwala, ibashayele ihlombe abaphila nokukhubazeka abakwazile ukuthi baqale izifundo zabo zamakhono baze baziphothule.
Igcizelele kakhulu ukubaluleka kokuba umasipala ubonakale uklama indima enkulu ngenhloso yokulekelela abaphila nokukhubazeka.
''Siyakholelwa kakhulu ekutheni abantu abaphila nokukhubazeka bayingxenye enkulu yomphakathi esikuwona. Kungenxa yalesi sizathu esaholela ekutheni sihlale phansi sivumelane ngokuthi makube khona okuthile esibalekelela ngakho,'' usho kanjena.
Uzwakalise ukuthakasa kwakhe okukhulu ngezinga lokuphasa kukamatric kwezikole ezahlukene zasoPhongolo.
Ubethulele isigqoko othisha bakule ndawo wathi lokhu kuveza ngokusobala ukuthi basebenza ngokuzikhandla kangakanani.
''Ukuphumelela kahle kangaka kwezikole zethu kanjalo nabantwana bethu kungenxa yokuzikhandla kwenu. Ngabe senza elikhulu iphutha leli uma singase singadlulisi ukubonga kwethu kinina,'' usho kanjena.
IMeya iphosele abafundi inselelo yokuba babhukule uma sebesezikhungweni eziphakeme bazi ukuthi kusemahlombe abo ukuguqula izimo zasemakhaya abo.
Bagixatshezwe ngemiklomelo ehlukene abafundi abanze kahle kumatric.
Lo masipala umemezele imali engu-R400 000 wokulekelela abafundi ngokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Umcimbi ubukade uzinyaziswe nawukubakhona kukaMncedisi Maphisa onguSihlalo wentsha kwi-Nkatha Freedom Party (IFP).