UMashaba wethule iqembu lakhe elisha i-Action SA izolo, wathi abantu bakuleli mabazitholele ikhaya elisha.
Uthe amaqembu amaningi aphikisayo awanawo amandla okususa i-ANC emandleni kodwa elakhe iqembu linesu.
“Sizongenela ukhetho sinqobe, kusukela kohulumeni basekhaya abazayo nje.
“Izwe lethu linamathuba empumelelo nethemba kodwa lokhu kuvinjwa yinkohlakalo,’’ kusho uMashaba
I-Action SA izalwe emuva kokuthi uMashaba eshiye i-DA.
UMashaba wethule inkulumo ephelezelwa wumkakhe nezingane zakhe bezomeseka.
Ubuholi beqembu likaMashaba nguyena umengameli kanti uSihlalo wuMnuz Michael Beaumont naye osuka kwi-DA.
Phakathi kwabanye abaholi abathenjiwe kuleli qembu kukhona noDkt Makhosi Khoza oshiye i-ANC wasungula elakhe iqembu kodwa wagcina elishiya, ejoyina elikaMashaba.
UNksz Vytjie Mentor owayeyilungu le-ANC ePhalamende naye ungomunye wabajoyine uMashaba.