UNKELE enkundleni yezokuxhumana i-Istagram izolo wamemezela izindaba zokuzalwa komzukulu wakhe wentombazane, uShauwn "MaMkhize" Mkhize.
Unikele enkundleni yezokuxhumana i-Istagram izolo wamemezela izindaba zokuzalwa komzukulu wakhe wentombazane uShauwn "MaMkhize" Mkhize.
UShauwn ongusomabhizinisi odumile waseThekwini wabelane ngalezi zindaba, uveze nokuthi igama lomzuku wakhe omusha uMiaandy, okuyigama elithathelwe emagameni kanina, uTamia noAndile Mpisane, oyindodana kaShauwn ehlanganisiwe.
"UTamia uphephile futhi uyalulama, kanti u-Andile yena ukhathele kodwa ujabule, kusho uShauwn.
Ubonge uNkulunkulu ngokufika ngempumelelo komzukulu wakhe. Uthe ujabule ukuba nomunye umzukulu futhi.