NJENGOBA kulindeleke ukuthi uNgqongqoshe wezeziMali kuleli, uMnuz Enoch Godongwana, ethule isabelomali eKapa namuhla, abafundi beSolezwe sebeveze imibono yabakulindele.
Kulindeleke ukuthi abeke umhlahlandlela wesabelomali okubalwa kuwo okuhlokoloza ukuthi yimaphi amaqhinga uhulumeni anawo ukukhulisa umnotho nokudala amathuba omsebenzi.
Isolezwe lixoxe nabantu ezinkundleni zokuxhumana ukuzwa uvo lwabo mayelana nesabelomali esizothulwa ungqongqoshe.
UMnuz Sphe Gagacian Ndwandwe uthe ufuna ungqongqoshe anqamule isibonelelo esitholwa abangasebenzi sika-R370.
"Akathi usuyanqamuka u-R370, sebezovula izinkampani manje khona kuzovuleka amathuba omsebenzi. U-R370 mncane kakhulu futhi nemininingwane yalabo abawuholayo banayo ngakho-ke bazokwazi ukubafonela ukuze babaqashe bonke," kusho uNdwandwe.
UNksz Zama Ndlovu naye uthe: "Akudalwe amathuba omsebenzi, kuphele u-R370. Ogogo nabakhubazekile bafakelwe imali engu-R500 ngaphezu kwale abayiholayo."
UNksz Slindile Slie Maphumulo uthe: "Kumele kunyuke imiholo, kulunge ne-NSFAS. Okunye ukuthi abantu abathole amaphilisi ezibhedlela, bangazithengeli bakithi. Akwenziwe into elungile ngemali, izalukazi zihole o-R3 000 manje."
UMnuz Sipho Rasta Duma uthe: "Mina engingakujabulela kungqongqoshe wukukhuphuka kwemali yalaba abangasebenzi, o-R370 ibe ngu-R500 okungenani. Abafundile bagogoda banikwe o-R3 000 okwalesi sikhashana bengasebenzi. Anciphise imali yongqongqoshe neyamalungu ePhalamende futhi kuqedwe namaphini ongqongqoshe atamuza imali yethu bakhokhi bentela."
Abanye bathe akunyuswe imali yokuthenga ugwayi namankwebevu, kuphinde kunyuswe nesibonelelo sabangasebenzi njengoba kunzima ukwakha amathuba omsebenzi.