ISABALELE ezinkundleni zokuxhumana eyokuthi isigwili saseThekwini, uNksz Shauwn “MaMkhize” sikweleta izizumbulu zentela.
Ngokwamaphepha andiza ezinkundleni zokuxhumana inhlangano eqoqa intela kuleli, iSouth African Revenue Service (Sars), ifuna ngaphezu kuka-R37 million (R37,915,549.77) kuMaMkhize okuthiwa ubengayikhokhi intela ngo-Okthoba.
Emaphepheni asenkantolo ango-Okthoba esikweletu sika-R37 million, inkantolo ithe kuzodliwa ipulazi leRoyal AM eliseMshwathi nesitolo, eMhlanga.
Enye incwadi iveza ukuthi ngo-Agasti ubeyalelwe ukuthi ukweleta u-R12.7 million okufanele ahlele ukuwukhokha.
Lapha inkantolo ithe kufanele kushaqwe imizi emihlanu. Emithathu iseThekwini bese emibili ibe seGauteng. KweseThekwini kufanele inkantolo idle oku-Addison Drive, eLa Lucia, eMhlanga, omunye ose-1 Byrne Court khona eLa Lucia, kube oku-1 Mooreland Drive, eLa Lucia, bese kuba oku-22 Aston Street, eSandton nose-58 Adrianne Street khona eSandton, eGoli.
Ngokwamaphepha asabalele, iSars ingagcina isidla impahla kaMaMkhize uma kuwukuthi akayikhokhi ngesikhathi intela ayikweletayo.
Akusikona okokuqala uMaMkhize eba sobishini lwentela kwazise useke waya enkantolo ekhala ngokuthi iSars ayimazisi kahle ngezindaba zakhe zentela, ifika isizombopha.
Abameli bakhe bakhala ngokuthi iSars ifike ingamtsheli ukuthi ukweleta malini futhi ayilandeleli ukuqinisekisa ukuthi imali uyikhokha ngesikhathi.
Ngo-2016, iSars yashaqa izimoto zikanokusho yaphinde yadla izakhiwo okukhona kuzo imizi nezakhiwo zamabhizinisi eziwu-10 ikhala ngesikhweletu sayo. Walulwa enkantolo lolu daba yagcina ibuya impahla yakhe.
Ngo-2020, wavala inkampani yakhe iZikhulise Cleaning Maintenance and Transport njengoba iSars yayithi uyikweleta intela kaR204 million.
Akuqondakali ukuthi kulokhu uzoza namuphi umnyakazo njengoba Isolezwe lizamile ukumthinta ocingweni lwamthumelela nemiyalezo nge-SMS nango-WhatsApp kodwa wangaphendula.
Akutholakalanga nokuphawula kweSars ngalolu daba.