OSOLWA ngokushisa iPhalamende nyakenye, uMnuz Zandile Christmas Mafe, wenqabile futhi ukuvela enkantolo ngoLwesihlanu.
AboPhiko lwezokuShushiswa koMphakathi bathi uMafe unqabe okwesithathu, ukuphumela ngaphandle kwasesitokisini ejele iPollsmoor, ukuze ayiswe eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, lapho bekufanele kuqale khona amalungiselelo okuqulwa kwecala lakhe.
IPhalamende lashiswa ngoJanuwari 2, 2022, nokusolwa ukuthi kwadala umonakalo wezigidi zamarandi. Kepha, uMafe uhlose ukuliphika icala lokuvukela umbuso nokushisa impahla.
Okhulumela uphiko lwezokuShushisa eWestern Cape, uMnuz Eric Ntabazalila, uthe kulokhu uMafe akafunanga ukuchaza izizathu ezimenze wenqaba ukuya enkantolo. UNtabazalila uthe umshushisi u-Advocate Mervyn Menigo, utshele inkantolo ukuthi izikhulu ezimbalwa zejele okubalwa nenhloko yejele lasePollsmoor, zihluleke zancama ukunxenxa umsolwa ukuba aphume esitokisini.
"Ekuqaleni uMafe wenqaba ukuphuma esitokisini senkantolo enkulu, watshela inkantolo ukuthi wayesesitelekeni sokuduba ukudla futhi wahudulelwa ngaphandle kombhede wakhe ePollsmoor, esagqoke izingubo zokulala. Okwesibili wenqaba, efuna ukuvunyelwa ukuba abe nethelevishini, umsakazo neketela ngoba wayefuna ukulalela nokubukela izindaba. Wayefuna ukuzenzela ikhofi futhi abilise namanzi okugeza ngoba awasejele "engafudumele".
NgoLwesihlanu ummeli kaMafe, uMnuz Luvuyo Godla, uthe ushaqekile ngokungafiki kwakhe enkantolo ngoba ubemgcine ngoLwesibili. Unxuse inkantolo ukuba imxilonge ukuthi usekulungele yini ukuqula icala. Kulindeleke ukuba uMafe abuyele enkantolo ngoFebhuwari 10.