KWEMBULWE imoto efana ncamashi naleyo eyayihamba owayengumengameli wakuleli, uDkt Nelson Mandela, ngaphambi kokuthi aboshwe.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Nomusa
Dube-Ncube, wethule imoto efana neyayihamba uMandela eduze kwendawo yesikhumbuzo sikaMandela eHowick
izolo.
Umcimbi bewuhanjelwe abantu abangaphezu kuka-300 abebekade bevuke ekuseni ukuze bahlanganyele ohambeni olungamakhilomitha amahlanu oluqale eMidmar Dam lwaphela endaweni enomfuziselo kaMandela lapho uNkk Dube-Ncube ebeke khona izimbali ukugubha iminyaka ewu-56 selokhu uMandela aboshwa kuyona leya ndawo.
UNkk Dube-Ncube uthe ukwembulwa kwemoto, i-Austin Westminster ka-1962, kuyinto ebalulekile eyenziwe nguhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal ukukhombisa ukuthi izwe alikhohliwe.
Uthe uhulumeni wesifundazwe usufake imali engaphezu kukaR100 million ukwakha indawo yesikhumbuzo lapho kwathathwa khona uMandela nesihlanganiswe nengcinamagugu egcine ulwazi ngesikhathi sobandlululo.
Enye indawo ayibalile yiManaye Precint, e-Edendale, lapho uMandela akhuluma khona nomphakathi anduba aboshwe.