UTHOLWE enamacala okushushumbisa izidakamizwa nokutholakala nezinhlamvu ngokungekho emthethweni uMuzikawukhulelwa Sibiya obuye abe wumsolwa kwelokubulawa kukaSenzo Meyiwa.
USibiya ulahlwe yila macala eNkantolo yeMantshi eThembisa ngoLwesibili. Phambilini kwakufanele kuphume isinqumo kodwa imantshi yabika ukugula, kwahlehla njengoba isinqumo siphume namuhla.
USibiya ungummangalelwa wokuqala ecaleni lokufa kukaMeyiwa owadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe, uKelly Khumalo, ngo-2014. USibiya uboshwe namanye amadoda amane okusolwa ukuthi ayathinteka kulou daba lukaMeyiwa.
Abaphenyi becala lokufa kukaMeyiwa bathi ngesikhathi bephenya uSibiya bathola ukuthi ushushumbisa izidakamizwa. Kuthe sebethi bayombophela lelo cala, bathola izinhlamvu zesibhamu emkhukhwini ayehlala kuwona.
Abaphenyi bathi uSibiya wavuma ukuthi izinhlamvu ezakhe ehostela lapho ayeyokhomba khona isibhamu kodwa lowo muntu wangatholakala. Kulindeleke ukuthi uSibiya agwetshwe ngasekuqaleni konyaka ozayo.