IZEMBE. Hheyi madoda, ayikho into ehlale ivikwa njengalena. Uma selifikile emaqenjini ePremier Soccer League (PSL) kutatazela kwasani... Wena sikhulu, umwashi wejezi, iPRO, udokotela wabadlali. Wonke nje umuntu oseqenjini uma ngezinyawo elwa naleli dimoni eliyizembe. Kulokhu-ke sibone yanda nemikhuleko neziguqo kuliwa eyokuthi lingagadli izembe. Lufikile-ke nokho olungaliyo, laphinde lagadla laphaya kuMjomane. Ngiyasola sekwasala isishozi salo izembe laphaya kweZenkosi njengoba seligadle kwaze kwakane liphindelela kusukela kwasungulwa iPSL ngo 1996.
Kuhle nokho sikhumbule ukuthi amanye amaqembu alibiza likude leli zembe ngenxa nje yokungazilungiseleli ngendlela uma ingakaqali isizini. Iqembu elifuna ukungayikhulumi eyokuvika izembe lesizini ezayo ka 2016/2017 kufanele ngabe selisemaphethelweni nezinhlelo zalo zale sizini kusukela kubadlali kuya lapho kuzoqoqwana khona sekwenziwa amalungiselelo okugcina. Uma ngikhumbula kahle le Mamelodi Sundowns enqobe iligi ivamile ukuyodlala namaqembu angomakhelwane bethu e-Afrika bezilungiselela isizini.Yize kunjalo kodwa lokho kusuke kungasho ukuthi ngeke zaba khona izingqinamba.
Uma silibhekisisa kahle leli zembe livamile kula maqembu antulayo uma kukhulunywa ngabaxhasi. Omaziba-mbele bezikhulu njengaye uMjomane, yibo abakulo mshikashika wezembe minyaka yonke. Kuyaqabukela nje uthole iqembu elixhaswe ngezigidi livika izembe.Yize kunjalo ukuhlupheka akusho ukuthi kumele uhlale uwukudla kwezembe. Akukho okwedlula ukuzilungiselela.
Umbuzo uthi abamaqembu antulayo bawadayisa kanjani amaqembu abo kubaxhasi bebe bebhekene nale ngwadla yokuvika izembe minyaka yonke. Engathi ukutshala imali kulabo abanolimi lokumaketha kubalulekile kula maqembu. Ukusonga izandla kulindelwe ukuthi ucilo uzishaye endukwini, kuyingozi enkulu njengoba sibonile iMaritzburg United ilivika ngemizuzu eyishumi yokugcina yesizini.
Amaqembu antulayo kungawasiza ukuyobuza kubantu ababephethe iqembu iManning Rangers eyadla iligi yokuqala yePSL ngo 1996. Leli qembu lalingenabo abaxhasi kodwa eladla ngakho ukuzilungiselela ngendlela nokuba nomqeqeshi ababemuzwa ekhaleni abadlali kungekho ophuma eceleni njengojosaka. Leliya qembu likaGordon Igesund lalingadle ngabadlali abangochwepheshe ebholeni. Ngisho nakukaputeni walo uMarc Davies owayedlala unombolo 2 wayengamdlali otheni ngaphandle kokuthi wawungathemba ukuthi uzomthola endaweni emfanele ngaso sonke isikhathi.
Abanye abadlali engisabakhumbula elalihlobe ngabo leli qembu lika-Igesund kwakukhona oMarcus Mphafudi, Bradley Muir, Clinton Larsen, Warren du Pont, Bruce Ramokadi, David Modise, Kerryn Jordan nonozinti uGrant Johnson.
Ibhola kwakunguqhwi qhwi ohlelekile obheke phambili kuGeorge Koumantarakis owayengalibheki ipali ngekhanda elekelelwa ngoSimon Makhubela owayededela odalimede bamashodi.
Laphaya ezinhlangothini kwesokunxele kwakukhuphuka inxele lakwabo laseZimbabwe u-Innocent Chikoya kuthi kwesokudla ligotshwe ngoSolomuzi Ndimande. Wayememeza kanye u-Igesund baqhashe oChikoya noNdimande beyokwenza umsebenzi ezimpondweni. Nisayikhumbula nje inxakanxaka yenjini yasesiswini yaseDRC uLiswa Nduti oweyavala aphinde akhahlele kwasani okungutsotsi esiswini. Wayengadle ngabhola uNduti kodwa yena wayelimaka nje aliphasele abangcono kunaye onyaweni. Yayihlelwe ngobunyoninco leya nto ingadinge koniwa. Kwakungekho mali etheni kuleli qembu, kodwa ukuhleleka kwakuhamba phambili. Umdlali wayengehlulelwa ngokuthi ulazi kangakanani ibhola kodwa okwakudingeka ugqozi nofuqufuqu lokulwela iqembu.
Into enjalo ke awuyiqali ngemizuzu yokugcina usuvika izembe kodwa uhamba nayo isizini yonke. Nakuyo nje isizini ephelayo akhona amaqembu othi uma uwabuka uwabone engelutho kodwa akwazile ukwenza izinto zawo kusakhanya angangena nakungena kuleli zembe ebelimincise abanye ngeledlule.
Kulawo maqembu 'amancane' singabala iMpumalanga Black Aces kaMuhsin Ertugral neChippa United kaDan Malesela. Laba baqeqeshi benze lokhu okwenziwa ngu-Igesund ngo 1996, ukusebenza kusakhanya ngabadlali abangenamagama.
Kodwa konke kulele ekuzihleleni izinto, wazi kusaqala isizini ukuthi amaphuzu uzowacosha kuphi uwalahle kuphi.
IRangers ka-Igesund nje yayazi ukuthi izothola isibhaxu kuKaizer Chiefs kodwa yayazi ukuthi kunamaqembu engeke iwavumele nangephutha ayehlule. Yayihlelelwa ngendlela yonke imidlalo. Uma kudingeka ukuthi kumanziswe inkundla yaseChatsworth ukuze zisheshe zidideke izitha wawenziwa lowo mkhuba, inqobo nje uma kuzovuna iqembu lasekhaya.